INSILA eqaqele amaqembu ase-Afrika ngenkolelo yokuthi abaqeqeshi base-Europe banolwazi olungcono uma kuziwa emiqhudelwaneni emikhulu njengeFifa Club World Cup, ilime indima ekukhonjweni indlela kukaManqoba “TV” Mngqithi kwiMamelodi Sundowns.
Lona wumbono kaMngqithi awuveze ngoLwesithathu, ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo iMarawa Sports Worldwide (MSW) kwiRadio947 obekungokokuqala kusukela efakwe amasondo.
NgoLwesibili, umengameli weSundowns, uThlopie Motsepe, ubize isithangami nabezindaba lapho ethule khona uMiguel Cardoso wasePortugal, njengomqeqeshi omusha wompetha beligi yaseMzansi.
UMotsepe uthe kubenzima kubona ukufinyelela esinqumweni sokuxosha uMngqithi kodwa bekumqoka ngoba iqembu belikhombisa izimpawu zokuphuma kujantshi.
UMngqithi okusabalele amahlebezi amkhomba kwiLamontville Golden Arrows ayeyiqeqesha kudala, wenelisekile ngomfutho awufake kwiSundowns ngesikhathi enikwe amatomu.
“Ngizishaya isifuba ngethimba lami nakho konke esikwenzele iSundowns kulezi zinyanga ezedlule,” kusho uMngqithi.
“Akukho engizimisele ukukhala ngakho kumbe kubekhona engimkhombayo ngoba iqembu selithathe lesi sinqumo.
“Ngiyakuqonda ukuthi ebhizinisini kusemqoka ukunquma bese ufa naso isinqumo sakho ngoba ayikho into ebuhlungu njengokuzisola ngokungasithathi ngesikhathi ngesikhathi esifanele.
“Ngiyakuqonda ukuthi ibhodi yeSundowns inqume ngokubhekela isimo seqembu. Amaqembu ase-Afrika anenkolelo yokuthi uma sekuza imiqhudelwano emikhulu njengeFifa Club World Cup kufanele alande abaqeqeshi base-Europe.
“Lo mkhuba awenzeki emaqenjini kuphela kepha nakwawesizwe izinto ziyajika kubaqeqeshi abawumnsinsi wokuzimilela uma sekufanele kuyodlalwa imiqhudelwano efana ne-Africa Cup of Nations (Afcon).
“Akulula ukuwagxeka amaqembu ngoba ohlaba eyakhe akaphikiswa njengoba nami ngingakulindele ukukhalinywa uma ngithatha izinqumo kwami njengenhloko yomuzi.
“Okuhle ngezinqumo wukuthi ukuhamba kwesikhathi kuyakuveza ukuthi ngabe zaziphusile noma cha,” kusho uMngqithi.
Yize elijabulela ithuba lokuphefumula okokuqala eminyakeni ecela kwengu-12 kodwa akawuvalile umnyango kwabafuna ukukhuluma naye.
“Alikho iqembu engingeke ngiliqeqeshe inqobo nje uma izinhlelo zabaphathi zihambisana nezami. Kusemnandi nokho ukuhlala ngingacabangi lutho okokuqala eminyakeni engaphezulu kwengu-10,” kusho uMngqithi.
Umqeqeshi omusha weSundowns (Cardoso) kulindeleke ukuthi ahlale ebhentshini okokuqala uma isidlala umdlalo wesithathu ka-Group B weCaf Champions League neRaja Casablanca yaseMorocco, ngeSonto ngo-3 ntambama, eLoftus Versveld, ePitoli