LIKHULU ithemba kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, lokubuyela enkundleni kwesilomo uThemba Zwane ngemuva kokulimala okuholele ekutheni ahlinzwe.
UZwane (35) uhlinzwe umsipha i-achilles (umsipha ohlanganise isithende nomlenze) ngoLwesihlanu kanti kubhekwe ukuthi ahlale engadlali izinyanga ezine kuya kweziyisithupha. Walimala emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations neCongo ngesonto eledlule.
UMngqithi ekhuluma nabezindaba ngempelasonto uveze ukuthi uZwane, uhlinziwe ngoLwesihlanu olwedlule. Uthe umsipha kaZwane ubuhlephuke wonke.
“Sinethemba lokuthi uzobuya ezinyangeni ezine kuya kweziyisithupha kodwa likhona ithuba lokuthi kusheshe kunalokho. Ungumdlali okwaziyo ukuzinakekela futhi uvame ukubuya singakashayi isikhathi.
"Siyazi ukuthi uziphatha kahle kangakanani futhi siyazi ukuthi uzosebenza kanzima ukuze abuye ngokushesha kakhulu,"kusho uMngqithi.
Ngokocwaningo olwenziwa yiBritish Journal of Sports Medicine ngo-2020, iningi labadlali bebhola abalimala kwi-achilles likwazi ukubuyela enkundleni ezinyangeni ezinhlanu kodwa abanye kuyenzeka ukuthi kubathathe unyaka noma emibili ukuthi babuyele esimweni abebekusona phambilini.
Kubadlali bakuleli abake badlula esimeni esifanayo nesikaZwane kubalwa uSibusiso Vilakazi, owalimala edlalela iqembu lesizwe ngo-Okthoba ka-2018.
UVilakazi owalulama ngemuva kwezinyanga eziyisuthupha, weluleke uZwane ngokuthi alandele yonke imiyalelo azoyithola kongoti.
“Nginobudlelwano obuhle noMshishi kusukela ngisekwiSundowns. Ngimazi njengomuntu othanda ukuzilololonga, umuntu okhuthele futhi oqinile ngokomqondo. Ngikholwa wukuthi njengamanje useqalile ukuzibona ebuyela enkundleni. Uzoyinqoba le nto abuye esenamandla kunakuqala,” kusho uVilakazi.
“Ngingameluleka nje ukuthi athathe usuku ngalunye, uzokwelulama ngokuhamba kwesikhathi. Uma sekufike isikhathi sokuthi abuye uzozethemba uma azi ukuthi udlule kuzo zonke izinhlelo, walandela imiyalelo yabo bonke ongoti.
“Ezinyangeni ezimbalwa uzobuya enze umlingo wakhe enkundleni kodwa lokhu kumnika nesikhathi sokucabanga. Uma ungadlali uthola ithuba lokuhlelela ikusasa. Kumele ucabange ukuthi impilo yakho izoba njani uma usuyeke ibhola noma uma kwenzeka izinto zingahambi kahle ngemuva kokulimala.”
Abanye abadlali bakuleli asebeke bathinteka kwi-achilles uMorgan Gould, Thembi Kgatlana abakwazi ukubuya baqhubeka nokudlala.