KUQOPHEKE umlando ngaphansi kweSouth African Football Association (Safa) eThekwini, ngesikhathi lesi sifunda sethula umqhudelwano ozofana neFA Cup lapho wonke amaqembu adlala kumaLFA awu-21 azoqhudelana ngokuhlanganisa zonke izigaba.
Umqhudelwano uzokwaziwa ngeleGolden Delight Cup, ngenxa yegxalaba elifakwe yinkampani yelayisi, iGolden Delight. Wethulwe ngokusemthethweni esithangamini sabezindaba eSaint James on Venice, eMorngside, ngoLwesithathu ekuseni.
Umengameli weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize, ethula umqhudelwano uthe emuva kokuthi bengene esivumelwaneni sokubambisana nabeGolden Delight, ushayele bonke abezifunda zeSafa, efuna ukuthola ukuthi ngabe sikhona yini esinomqhudelwano ofana neFA Cup, wathola ukuthi iTheku lizokuba ngelokuqala ukuba nawo.
“Ngijabule ngendlela eyisimanga ngobudlelwano obuqatha esingene kubo neGolden Delight. Ngenxa yenjabulo ngibe sengishayela abanye ozakwethu abangomengameli beSafa kuma-metro, ngizama ukuthola ukuthi ngabe ngobani abanye okungase kube banawo yini umqhudelwano walolu hlobo? Bonke bathe lutho olubaziwe. Lokhu kusho ukuthi sizokuba ngabokuqala ngaphansi kweSafa ukuba nomqhudelwano ofuze iFA Cup,” kubeka uMkhize, obezwakala ukuthi ujabule ngendlela eyisimanga.
Isikhulu esiphezulu kwaGolden Delight, uNaeem Adam, utshele abezindaba ukuthi bajabule ngokuba wumndeni womdlalo kanobhutshuzwayo eThekwini, emuva kwesikhathi eside bezama ukungena ngoba inhloso yabo wukubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi.
“Bekuvele kuyinhloso yethu yeminyaka ukuba sibe yingxenye wokufukula umdlalo webhola kodwa lapho besingqongqoza khona besingavulelwa. Ukubamba kwethu iqhaza emphakathi bekufaka eminye imikhakha kodwa ibhola besingakutholi ukubamba iqhaza kulo. Siyathembisa ukuthi ubudlelwano bethu buzohamba ibanga elide ngoba asizile ukuzoxhasa kodwa ukuba yingxenye yomndeni,” kusho u-Adam.
Unobhala-jikelele wesifunda, iSafa eThekwini, uZama Butheleni uthe mqhudelwano uzodlalwa ngokohlobo lweFA Cup, lapho kuzogadulisana amaqembu abhaliswe kumaLFA, okuhlanganisa nezikole uma zikhona. Abazonqoba kuma LFA bazoyodlala kumaZone. Besekuthi abanqobe kumaZone bayobe sebeyodlala esigabeni sesifunda okuhlanganisa nowamanqamu.