South Africa (1) 3
Italy (1) 2
LIZIBEKISELE indawo kweyomkhumulajezi kwiFifa Women's World Cup iqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane ngesikhathi inqoba okokuqala ngqa kulo mqhudelwano, lithela phansi i-Italy ngo 3-2 eWellington Regional Stadium, eNew Zealand, ngoLwesithathu ekuseni.
Amagoli eBanyana aqhamuke kuBenedetta Orsi, olikhombe ngakubo, amanye ashaywa nguHilda Magaia noThembi Kgatlana.
Womabili awe-Argentina aqhamuke ku-Adriana Caruso.
IBanyana ingene yazi kamhlophe ukuthi kumele iwunqobe lo mdlalo ukuze izibeke ethubeni lokudlulela kwiLast 16. Uma yenza kanje konke bese kulele ekutheni kwenzakalani phakathi kweSweden ne-Argentina. ISweden igcine inqobe ngo 2-0, nokuvune elakuleli.
IBanyana ilale isibili ngamaphuzu amane, yalandelwa yi-Italy ngamathathu, i-Argentina yaqeda emsileni ngeqanda. Elakuleli selizobhekana neNetherlands emzuliswaneni olandelayo.
Emidlalweni emibili yokuqala kuleli qoqo elakuleli beliguqiswe yiSweden ngo 2-1, labambana ne-Argentina ngo 2-2.
I-Italy ibivule ngokunqoba i-Argentina ngo 1-0, yabhudluzwa yiSweden ngo 5-0.
Kwenziwe izinguquko ezimbili eqenjini elaqale umdlalo ngesikhathi bedlala ngokulingana ne-Argentina ngoLwesihlanu olwedlule.
Kungene uNoko Matlou noRobyn Moodaly ezindaweni zikaRefiloe Jane noNoxolo Cesane.
IBanyana isheshe yazithola ibhekene nomqansa ngomzuzu ka-10 ngesikhathi uKarabo Dhlamini ethela phansi uChiara Beccari ebhokisini, unompempe walikhomba emlotheni.
UCaruso akalenzanga iphutha, walinamathisela enethini engazi nokuthi lidumephi unozinti wakuleli, uKaylin Swart.
ILe Azzurre iqhubekile nokufaka iqembu lakuleli ngaphansi kwengcindezi emizuzwini emihlanu elandelayo kodwa lingafiki ezindaweni eziyingozi kakhulu.
Iqembu lakuleli kwale kancane ukuthi lithole igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-21 ngesikhathi uJermaine Seoposenwe elibeka onyaweni lukaMoodaly ngaphandle kwancane kwebhokisi, kodwa ishodi lakhe lishaye ipali.
Nokho ligcine lilitholile ngomzuzu ka-32 ngesikhathi ugwaza ekhaya umkhonto wesitobha se-Italy, u-Orsi, sithi sizama ukuphasela unozinti.
Kucishe kwabheda futhi kwiBanyana kusadlule imizuzu emibili ihluleka ukukhipha ibhola ebeliqhamuke kwikhona, kodwa ibhola elingqomfwe nguBeccari nalo lishaye ipali.
Kuyiwe ekhefini zibambene ngo 1-1 iyidliva imvula ebikhashwa umoya eWellington.
Igoli lesibili leBanyana lingene ngomzuzu ka-67. UKgatlana ukhiphe ingcwenga yephasi eyibekela uMagaia ngakwesokunxele, walibeka enethini.
Nokho iBanyana iphinde yadedela iqatha selisemlonyeni ngomzuzu ka-74 ihluleka ukuvimba enye ikhona, uCaruso washaya igoli lakhe lesibili kulo mdlalo kwaba ngu 2-2.
Unompempe wengeze imizuzu engu-11 ekupheleni kwesiwombe sesibili. Emzuzwini wesibili wesikhathi esengeziwe iBanyana iphinde yahamba phambili ngegoli elivalelwe nguKgatlana eseduze, ehlangana nebhola ebeligotshwe nguMagaia.