OWAYENGUMQEQESHI we-African Wanderers, Manning Rangers, Orlando Pirates, Santos, Ajax CapeTown neBafana Bafana, uGordon Igesund, uzwakala ehamba nePortugal yensephe enguCristiano Ronaldo kwi-2022 Fifa World Cup eqhubeka eQatar,
IPortugal, ezithole ihamba phambili ezindabeni ezinsukwini ezandulela ukuqala kweWorld Cup nangezokuqala zalo mqhudelwano ngenxa yengxoxo kaRonaldo nentatheli yodumo yase-England, iyivula ngoLwesine neGhana inyathuko yayo eQatar.
Yize idlala ngoLwesine kodwa iphinde yahamba phambili emithonjeni yezindaba ngoLwesibili kuthushuka isitatimende seManchester United, iqinisekisa ukugqashuka kwegoda lomshado phakathi kwayo noRonaldo.
Kwenzeka konke lokhu nje, ababaningi abantu baphumela obala kugcwale umlamo ukuthi bathipha ezikaRonaldo ekuqukuleni isicoco eQatar ngoDisemba 18.
Eqinisweni naye u-Igesund, obecija iBafana kwi-2013 Afcon, uyithipha abuye nganeno iPortugal kwazise usenovalo ngamazwe afana neGermany neBrazil.
“Ngenxa yomoya wasogwadule, kunento ethi kuzoba kuzokwehlela ezweni laseSouth America, eQatar nokungenza ngiyibale iBrazil emazweni azoshubisa umbango wesicoco,” kusho u-Igesund, osephethe iHamiltons Football Acamedy eKapa.
“Ngihlezi ngiyibeka ezingeni eliphezulu iGermany kanti uzokhumbula ukuthi badlale njengabantu abadlalela ngakubo ekubeni beseSouth America, eBrazil ngo-2014.
“Lokho kusho ukuthi banazo izindlela zokuhlelela izimo abangazijwayele ngendlela ebayisa phambili.
“Nokho ngeke ngiyishiye iPortugal kulokhu ngenxa yeqembu elihle enalo futhi okuzoba yisikhali sabo, wukuthi amehlo siyawazi sonke azobe ekubani (ebhekise kuRonaldo) uma bengena enkundleni nokuzokhulula abanye ukuthi badlale ibhola labo ngokukhululeka.”
Le ngxoxo yenzeke ngaphambi kokuthi ezembangi enkulu kaRonaldo, uLionel Messi, zibhubuzwe yiSaudi Arabia ngo 2-1 ngoLwesibili emini.
Yize kunjalo kodwa u-Igesund, ubevele engafunanga ukubala i-Argentina emazweni alindele lukhulu kuwo, yize iye eQatar, ibisishoda ngomdlalo owodwa ukufica irekhodi le-Italy lokungehlulwa emidlalweni engu-37.
Ukwethulwa kwesithixo sikaRonaldo esingangomuntu eNew York ekuqaleni kwesonto, sekuqubule amahlebezi okuthi angase alibhekise khona ngoJanuwari.
Nokho-ke, uma ipolitiki izoba nesandla, kumqoka ukubalula ukuthi ubonakala nasesikhangisweni seBinance okuyinkampani yokuhweba ngemali esungulwe eChina kodwa engasebenzisani ne-USA.
@Malbingo