UMGADLI omusha waMaZulu FC oneviyo labalandeli abahlezi bemkhuzela emidlalweni, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, uthembisa ukushayela Usuthu okungenani amagoli angu-15 ngesizini yakhe yokuqala esigabeni esikhulu kwiPremier Soccer League (PSL).
UNdlovu (28) waseNewlands West, usayiniswe Usuthu inkontileka yeminyaka emithathu muva nje esuka kwiSinenkani FC edlala kwi-ABC Motsepe League yase-Eastern Cape.
Lo mgadli odume ngelikaMbhobho lapho ebedlala khona ibhola emazingeni aphansi, wake wadlala nakuMkhambathi FC neSummerfield Dynamos abadlala kwi-ABC Motsepe League yaseKZN.
Konke lapho uNdlovu edlala khona uhlale elandelwa iviyo labalandeli abaqondene naye.
Lapho likhona uzwa ngengoma enegama lalo mdlali iqhuma phezulu, kuthiwa “We mbhobho....”, okulandelwa ukukhala kwesigubhu.
Nangesikhathi ethulwa kwabezindaba ngesonto eledlule, abadlali baMaZulu bamsukumise ngayo leyo ngoma.
Emidlalweni yeligi engu-16 kwiSinenkani uNdlovu uyishayele angu-23 okumenze wagqama kwaze kwasabalala nama-video akhe ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngekhono lakhe bebodwa abakhala ngokuthi useshiywe iminyaka.
Kuthe kusenjalo waba ingxenye yeKhabba Cup lapho ayedlalela i-Two For Joy FC osekungumlando ukuthi iyona eyaba ompetha kubhoke yena uNdlovu okufakazelwa ukuthi wagcina ngokuqokwa njengomdlali ovelele.
Kulapho Usuthu lumqaphele khona lwamsayinisa ngenhloso yokuqinisa kubadlali baphambili kwazise ludedele, u-Augustine Kwem noVictor Letsoalo.
UNdlovu usanda kuxoxa neSolezwe emcimbini wokwethulwa kwabadlali abasha, ijezi nabaxhasi okuyilapho ekhulume khona ngesethembiso samagoli.
“Ngizizwa ngihloniphekile ukuthi nakuba ngilinde isikhathi eside ukuthola ithuba esigabeni esikhulu, kuthe uma kwenzeka kwaba iqembu lasekhaya,” kusho yena.
“Ngiyaqonda ukuthi ngiya esigabeni esihlukile kunalesi engisijwayele kodwa ukushaya igoli kudinga wena mgadli ukuthi ukholwe kuqala ukuthi uzokwazi ukukwenza lokho.
“Ngikulindele ukuthi kubenzima esigabeni esikhulu kodwa lokhu akusho ukuthi sengizozithambisa. Ngizowashaya okungenani amagoli angu-15 uma ngilithola ithuba,” kuthembisa lo mgadli.
Akakholwa ukuthi kufanele kubekhona akushintshayo njengoba ezobe esedlala esigabeni esikhulu ngoba kulapho kungase konakale khona izinto.
“Kusukela ebuncaneni bami ngiwumuntu okholelwa ekusebenzeni kusenesikhathi ukuze kuthi uma kuvela ithuba lokuzikhombisa ngishiye okuthile emqondweni womqeqeshi.
“Okunye engikuthanda ngami ukuthi bengingadikibali ngisho ngibona engicabanga ukuthi ngingcono kunabo bephumelela. Bengilinde ithuba lami.
“Sengikujwayele ukuthi nginabalandeli abathi mina okungenza ngizizwe ngikhethekile. Akukho engakwenza ukuthi ngibe nabalandeli ngaphandle kokuthi kuhlangana abantu abayithandayo into engiyenzayo bese behamba nami noma kuphi lapho ngidlala khona.
“Nakhona akukho okuyisipesheli kodwa ngiyaqonda ukuthi ngeke ngibenabo abalandeli kungekho okuhle engikwenzayo uma ngisenkundleni.”
UDeco Dlamini, Lehlohonolo Majoro no-Ayanda Dlamini bonke bazakhele ugazi kuMaZulu besuka kuma-amesha bafika bawaqhulula esigabeni esikhulu.