SIZOBE singasekho isidingo sokuthi AmaZulu amgcine umqeqeshi uPablo Franco Martin, uma ehlulekile ukufaka iqembu kwiTop 8. Lokho kuyobe kusho ukwehluleka kwakhe.
Lowo ngumbono kaSimon “CCV” Magagula, owayengumdlali waMaZulu eminyakeni edlule, wayesesikwatini seqembu ngenkathi lihlabana ngendebe yeCoca-Cola Cup (esiyiCarling Black Label Knockout) ngo-1992.
Njengamanje uMartin, oteketiswa ngelikaCijimpi, kubukeka iqonga ingcindezi kuyena ngenxa yokungenzi kahle kwaMaZulu kule sizini ngaphansi kobuholi bakhe. Bekulindelwe lukhulu kuyena ngenkathi ethatha izintambo ngaphambi kokuqala kwesizini.
AmaZulu aguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 4-2 kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngempelasonto edlule. Ukuphuma kwawo kulo mqhudelwano kuwaqede wonke amathemba esicoco kuwona kule sizini.
Kwi-log yeDStv Premiership abhekene nenselelo yokulwela ukuzibekisela indawo kwiTop 8 ngoba esendaweni ka-12. Leli qembu lisalelwe yimidlalo eyisikhombisa ukufeza lokhu.
Usuthu luzophinde lududulane nePirates kowempindamshaye kwiDStv Premiership, namuhla ngo-5.30 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
“Ngikholwa wukuthi uMartin uqashwe ngabaphathi baMaZulu ngoba bethemba amagalelo akhe njengomqeqeshi onamava futhi benethemba lokuthi uzofika enze izinto zenzeke eqenjini.
“Ngaphandle nje kokuthi AmaZulu ayiqembu elikhulu nelinomlando ebholeni laseNingizimu Afrika, ngikholwa wukuthi uma ungumqeqeshi wokufika uhlale unengcindezi yokwenza kahle, okuyinto eyenzeka kubona bonke abaqeqeshi emhlabeni.
“Ngakho-ke naye uMartin uthathe umsebenzi wokuqeqesha AmaZulu ekuqonda kahle lokho,” kusho uMagagula, owayeyisiphekepheke somdlali wasesiswini ngezikhathi zakhe.
“Njengoba engasakwazanga ukuzuzela iqembu indebe yomkhumulajezi, lokho kusho ukuthi nakanjani sekufanele enze isiqiniseko sokuthi ulifaka kwiTop 8. Uma ehlulwe yilokho, ngokwami kuyobe kusho ukwehluleka kwakhe.
“Abaqeqeshi abamandulelayo, uFolz (Romain) noDlamini (Ayanda) baxoshiwe ngesizini edlule ngenxa yokungenzi kahle kweqembu. Ngokwami siyobe singasekho isidingo sokuthi abaphathi bamgcine (uMartin) uma ehluleke ukufaka iqembu kwiTop 8.
“Unikeziwe isikhathi ngoba ufike isizini ingakaqali futhi unabo abadlali abasezingeni elifanele abangazuzela iqembu izindebe. Angikholwa wukuthi kufanele abe nezaba.”
Ngemuva kokuphikwa yimiphumela kukaFolz ngesizini edlule, iqembu limehlisile esikhundleni sokuba yinhloko yabaqeqeshi lamkhomba kwesokuba ngusomaqhinga. Laqasha uDlamini isizini isiyophela. Nokho Usuthu lwehluleke lwancama ukuqeda endaweni engcono kwi-log yePremiership liqeda endaweni ka-12. Lokho kuholele ekutheni akhonjwe indlela uDlamini, okulandelwa wukwesula kukaFolz.
Ngaphambi kokuqala kwesizini umengameli woSuthu, uSandile Zungu, wakubeka kwacaca ngemuva kokuqasha uMartin, ukuthi ufuna afake iqembu esixhantini samaqembu amane aphezulu kwi-log ngokuphela kwale sizini.
Kungenzeka imidlalo eyisikhombisa esalele Usuthu, ebukeka ingelula neze, kube iyona engacacisa ngekusasa likaMartin kwesokuqeqesha. Iqembu lamangaza abaningi ngesizini ka-2020/2021 liqeda endaweni yesibili kwi-log yePremiership, ngaphansi kukaBenni McCarthy.