UMQEQESHI omusha we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uJoseph "Dukuduku" Makhanya, ukholwa wukuthi ukunika ithuba abadlali abasebancane kwiligi kuzoqinisa amaqembu esizwe aseNingizimu Afrika.
UMakhaya, owayengumdlali ongaconsi phansi kubalandeli beZimnyama esadlala, uhlale ebhentshini okokuqala emdlalweni wokuvula isizini ka-2022/2023 ngempelasonto. EZimnyama zivulele isibhaxu kwiKaizer Chiefs zinqoba ngo 3-2, emdlalweni obusezingeni eliphezulu, eKing Zwelithini Stadium eMlaza. UMakhanya uthe okubalulekile kwiDiski wukunika abaningi abafanele ithuba lokudlala ukuze kuzohlomula amaqembu esizwe.
Uliqala phansi iqembu lePirates elihlale esicongweni seligi yeDiski isikhathi eside ngesizini edlule, kodwa lagcina liphucwe iqatha emlonyeni yiStellenbosch FC.
"Ngihlose ukuliqinisa iqembu, senze nesiqiniseko sokuthi sinabadlali abaningi abasebancane ngoba yiqembu lokubathuthukisa. IDiski Challenge ngeyabafana abancane, ukuthi baveze ikhono labo ukuze kuzoqhakaza ikusasa lebhola laseNingizimu Afrika. Ayikho mayelana nokuwina, yebo kuyingxenye yomdlalo, kodwa kufanele sakhe isisekelo esiqinile ukuze sizoba nabadlali abangaqokelwa eqenjini lesizwe le-Under 20. Lokhu kuzokwenza liqine iqembu lesizwe," kusho uMakhanya.
Iqembu lesizwe le-Under 20 eselizoqeqeshwa nguVela Khumalo opheka iqembu leDiski leChiefs, libheke ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni i-Under 20 Africa Cup of Nations, ozoba se-Egypt ngonyaka ozayo.
Ukhuluma kanjena nje uMakhanya, ukungahoshelani kwePSL, iDiski engaphansi kwayo, neSouth African Football Association kulahlekisele inqwaba yabadlali abasebancane ngethuba lokuyodlala kuma-Olympics.
Kwavela ukuthi umqeqeshi weqembu le-Under 23, uDavid Notoane, wayalelwa ukuthi esikwatini sama-Olympics ka-2020 eTokyo abashaye ngesithende abadlala kwiDiski, kwakubekwa isizathu sokuthi iSafa yiyona kuphela eyengamele futhi elawula izinhlaka zokuthuthukisa ibhola eMzansi, emazingeni aphansi.
UMakhanya unengcindezi yokuqeda ishobolo leminyaka kwiPirates, lokwehlulwa yiligi yeDiski. EZimnyama kaziyazi le ligi selokhu yasungulwa ngo-2014. Kungenzeka ukuthi ukwehluleka ngesizini edlule, yikhona okuxoshise umqeqeshi uMandla Qhogi.
"Yiqembu elisha leli. Asikwazi ukufaka ingcindezi kulaba bafana. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Ngiyaqala ukuqeqesha kulesi sigaba, nabo bayaqala ukudlala kusona. Ngisuka emazingeni aphansi. Ngiyabona ukuthi ukuhleleka kwamanye amaqembu kuhle. Lokhu kuyakutshela ukuthi amazinga ahlukene kodwa ngizojwayela," kusho uMakhanya.