UBONA ukuthuthukisa abadlali anabo kuyilona ithemba abanalo umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, ukuze bakwazi ukubeka iqembu endaweni engcono kwiDStv Premiership uma sekubuya imidlalo ngenyanga ezayo.
IThwihli Thwahla ayikwazanga ukuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba yagwetshwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ukuthi isayinise abadlali.
Lokhu kungenxa yokuthi leli qembu latholwa linecala lokunqamula inkontileka yomgadli odabuka eSerbia, uSamir Nurkovic, ngokungemthetho lase liyalelwa ukuba limkhokhele isamba sikaR12 million, okuyinto elingazange liyenze.
Okwenze isimo sibhede kakhulu wukuthi bese livele lihlukene nabanye abadlali abebemqoka ngesizini edlule njengoRicardo Nascimento, Happy Jele, Elias Pelembe, Lantshene Phalane, Tebogo Potsane nabanye.
Lisizwe wukuthi likwazile ukukhuphula abadlali abebeseqenjini elincane okukhona uSiphiwe Cele, Sabelo Sithole, Ayanda Jiyane nabanye, abakwazile ukusiza iqembu ngomzuliswano wokuqala wesizini.
Iqembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize livale unyaka ka-2023 lisendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-15 kulandela isibhaxu sika 3-0 elisithole ngesikhathi libhekene naMaZulu FC emdlalweni wokusonga unyaka.
Lihlukaniswe amaphuzu amahlanu kwiRichards Bay FC esendaweni yesibili ukusuka emsileni kanti iCape Town Spurs esemsileni, liyishiya ngamaphuzu angu-14. Lisenethuba lokungena kwiTop 8 emzuliswaneni wesibili njengoba lisele ngamaphuzu amathathu kwiTS Galaxy elele endaweni yesishiyagalombili.
“Ngingasho ukuthi sijabule ngokuthuthuka esikubona eqenjini. Leli yiqembu elidlala namaqembu asayinise abadlali kodwa uma ubheka amaphuzu awasishiyi kakhulu, amanye asishiya ngephuzu elilodwa vo,” kusho uMaduka.
“Ukube siwunqobile umdlalo wethu ka-15 kule sizini (naMaZulu) ngabe sikhuphuke kakhulu kwi-log. Siyiqale kabi isizini kodwa ngokuhamba kwesikhathi sakwazi nokucosha amaphuzu amqoka. Ngingasho ukuthi abadlali bakwazile ukuvuka.
“Isimo sethu kwi-log asikabi ngcono okwamanje kodwa okumqoka wukuthi asisalele emuva kakhulu uma kukhulunywa ngamaphuzu. Bekungelula, besidinga ukuqinisa ezindaweni ezithile kodwa sigxile kulokhu esinakho.”
Njengoba sekuvulwe iwindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali, amanye amaqembu anethuba lokuqinisa lapho ebona ebuthaka khona kodwa iRoyal AM ngeke ilithole lelo thuba njengoba sisaqhubeka isigwebo seFifa.
Yize kunjalo, uMaduka uthe uma beqhubeka nokucija abadlali abanabo, ngeke kuzwele kakhulu ukuthi ngeke bakwazi ukuthola abasha.
“Kunzima kodwa ngijabule ngomzamo wabadlali. Asikaze sikhethe ukuhlala noma sikhale ngenxa yesimo esibhekene naso. Sikwazile ukulwa futhi sizoqhubeka nokusebenza kanzima. Akulula uma wazi ukuthi akukho ongakwenza kodwa kumele uthuthukise lokho onakho,” uqhube kanje.
“Asikaze sisebenzise indaba yokuthi asikwazi ukusayinisa abadlali njengezaba. Kungenzeka ukuthi abantu babone sengathi indaba yethu iphelile kodwa asikaze sidikibale.”
IRoyal AM izoqhubeka nemidlalo yeligi ngokubhekana neCape Town Spurs ekhaya ngoFebhuwari 15.