UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uncoma ukuzinikela nokuphokophela komdlali wakhe okuphele isizini yonke edlule engadlali ngenxa yokulimala kodwa wakwazi ukuvuka azithathe, washaya negoli emdlalweni wakhe wokuqala ebuya ekulimaleni.
UZukile Mkhize ongumdlali wasesiswini obuye ayibambe nasemuva, nongadlalanga isizini yonke ka-2022/23, udlale okokuqala iRoyal -AM iguqiswa yiSuperSport United ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership, ngesonto eledlule.
UMkhize obedlala emuva kulo mdlalo, nguyena oshayele i-AM igoli okube yigoli lokulinganisa yize igcine iguqile.
“UZukile uhlale isikhathi eside kakhulu engadlali ngenxa yokulimala. Kuthe noma eseluleme ekulimaleni eseqalile ukuziqeqesha neqembu, wakhombisa impokophelo nokuzinikela ngaso sonke isikhathi ejimini. Ngisho engakalitholi ithuba lokudlala ubelokhu eqhubeka nokuzimisela nokuzinikela, kwaze kwaba uyalithola ithuba.
“Ngikholwa wukuthi nokushaya kwakhe igoli emdlalweni wakhe wokuqala kuzokubuyisa kakhulu ukuzethemba kuyena nasemidlalweni elandelayo.
“Ungomunye wabadlali asebemnkantshubomvu iqembu elibadingayo njengoba likulesi simo elikuso njengamanje sokungakwazi ukusayinisa abadlali,” kusho uMaduka.
UMkhize odabuka eMzimkhulu nojoyine i-AM ngesizini ka-2017/18 isabizwa ngeRoyal Eagles, ungomunye wabadlali abashaye into ecokeme kwi-AM ngesizini ka-2021/22, obekuyisizini yayo yokuqala kwiPremiership ngemuva kokuthenga kwayo ilungelo leBloemfontein Celtic lokudlala kulesi sigaba. Kukule sizini leli qembu lapho limangaze khona abaningi liqeda isizini lisendaweni yesithathu kwi-log yePremiership, laze lizibekisela indawo kwiCaf Confederation Cup.
IThwihli Thwahla ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku, kumanje isendaweni ka-14 kwi-log yePremiership. Isishaywe imidlalo emithathu yeligi ilandelana, okulandelwe wukuwashiswa kwayo ijezi yiSekhukhune United koweCarling Black Label Knockout.
“Ukulahla kwethu amaphuzu ngale ndlela kuyakhathaza, kodwa siyayisebenza eyokuvuza kwethu emuva nokungenelwa ngamagoli angenasidingo.
“Sizimisele ngokuthi emdlalweni wethu olandelayo sibe sesikwazile ukuwalungisa amaphutha.
“Ngisasho namanje, le ndawo esikuyona akufanele ngabe sikuyona, ngakho kuzofanele silwele ukusuka ngokushesha,” kuqhuba uMaduka.
IThwihli Thwahla ebalwa neRichards Bay FC emaqenjini aKwaZulu-Natal adonsa kanzima njengamanje kwiPremiership, izobuyela ensimini ngomdlalo omqoka wasekhaya neLamontville Golden Arrows, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoNovemba 7.
IGolden Arrows ayigayelwa mphako kweyeligi kule zinsuku, ihlezi endaweni yesibili kwi-log yePremiership. Yehlukaniswe ngamaphuzu amane neMamelodi Sundowns esaqhwakele phezulu ngamaphuzu awu-24.