SITHEMBISO MKHIZE
AKAYI ndawo uNdumiso Mabena weBloemfontein Celtic okuvela ukuthi ufunwa inqwaba yamaqembu.
UFrancesco Ferreri oyimenenja yalo kaputeni uthe akhona amaqembu abemfuna yize engazange awabize ngamagama. Ngokuthola kweSolezwe kuwona bekukhona AmaZulu FC neSwallows FC.
UFerreri uthe uMabena usazohlala kwiCeltic, ujabule khona.
Akuqali ukuthi lesi sibabuli sifunwe uthuli ngamanye amaqembu.
Kumasizini edlule kuke kwavela ukuthi angase asishiye iSiwelele. Bekuvela negama le Kaizer Chiefs.
“Maningi amaqembu aseke angithinta ngoMabena. KwiCeltic ujabule, akayi ndawo. Kumele sikuhloniphe ukuthi unenkontileka nayo. Uwumdlali wezinga eliphezulu, ngeke amaqembu angamfuni. Njengoba ngike ngasho, angithandi ukuveza amagama kodwa bekunamaqembu amakhulu abefuna uMabena. Etafuleni abebeka okuconsisa amathe. UMabena uwumdlali wezinga eliphezulu. ICeltic isamdinga, kumele lokho sikuhloniphe,” kubeka uFerreri. Iwindi lePremier Soccer League lokusayinisa abadlali abasha liyavala ngoNovemba 17.
Lesi sibabuli esazakhela udumo kwi-Orlando Pirates kumasizini edlule silime endima enkulu ekutheni iSiwelele sifinyelele kowamanqamu eNedbank Cup ngesizini edlule.
Sibuya ngakho kodwa ekulimaleni, emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu eMTN 8, sizibule ngegoli ngesikhathi iCeltic ibambana neSuperSport ngo-1-1.
Ngempelasonto leli qembu lidlulele kowamanqamu alo mqhudelwano lishaya Amatsatsantsa ngegoli elilodwa elivalelwe uVictor Letsoalo.
Nakuba iCeltic yenza kahle kwiMTN 8, ibhekene nomthwalo onzima kwiDStv Premiereship njengoba ingakanqobi nomdlalo owodwa.
Kowokuqala weligi ibambane ngeqanda neLamontville Golden Arrows, kowesibili yahlulwa iSwallows ngo 1-0, kowokugcina yahlulwa iPirates ngomphumela ofanayo.
Ngesikhathi iCeltic isalinde ukuyodlala owamanqamu eMTN 8 nePirates ngoDisemba 12, kumele ilwele amaphuzu amathathu kwiCape Town City ngoNovemba 22, eKapa.
UNDUMISO Mabena weBloemfontein Celtic imenenja yakhe egcizelela ukuthi usazohlala kuleli qembu Isithombe: BACKPAGEPIX