UBONA ukuzimisela nokuqhulula amagoli kuyiyona ndlela angaziphendlela ngayo indawo eqenjini lesizwe umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa.
Lo mdlali (28), ushayele ezikaMagebhula igoli lesibili kowamanqamu eMTN8 ngoMgqibelo ebusuku, ngesikhathi ziqumba phansi iStellenbosch FC ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium.
Kule sizini usevalele phakathi amagoli amane emidlalweni engu-11. Ushaye amabili kwiMTN8, elilodwa kweyokuhlungela amaqoqo yeCaf Champions League nelinye elilodwa kwi-Betway Premiership.
Ngesizini edlule waqeda ehamba phambili ngamagoli kwiligi ngawu-16.
Nokho, uphinde wasala ngaphandle ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, eqoka iqembu elizobhekana neDR Congo emidlalweni emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations. Imidllalo ikuleli ngoLwesihlanu nasekuhambeni ngo-Okthoba 15.
Lo mdlali uthe usanethemba lokuthi uma engadikibali uzophinde alithole ithuba lokudlalela isizwe.
“Okungenza ngiqhubeke nguNkulunkulu. Ngikholelwa ngokuqinile kuKrestu futhi ungidlulisa ezimweni ezinzima kakhulu. Okwesibili, umndeni wami, labo abangithandayo baphinde bangithandazele. Ozakwethu eqenjini nabo bayangeseka, bayangigqugquzela usuku nosuku,” kusho uMabasa kwabezindaba ngemuva komdlalo wamanqamu.
“Mayelana neqembu lesizwe, kuzokwenzeka. Uma uNkulunkulu efuna kwenzeke, kuzokwenzeka kimina. Ngisazoqhubeka nokulibeka enethini ibhola, ngisebenze kanzima uma sizilolonga. Bonke abangesekayo bangitshela ukuthi ngingadikibali, ngiqhubeke nokuzimisela.”
UMabasa, owayebolekiswe kwiSekhukhune United ngesikhathi iPirates inqoba iMTN8 ngo-2022, waphinde wabolekiswa kwiMoroka Swallows ngesikhathi iyithatha nyakenye, uthe kuyamjabulisa ukusiza leli qembu livikele lesi sicoco okwesithathu ephuma ebhentshini.
Unethemba lokuthi bazothatha ukuzethemba abakuthola ekunqobeni imiqhudelwano yomkhumulajezi bakusebenzise emidlalweni yabo ye-Betway Premiership njengoba iPirates yagcina ngo-2012, ukuphakamisa indebe yeligi.
“Mina, uRelebohile (Mofokeng) noKB (Kabelo Dlamini) sesike saba kulesi simo kowamanqamu eNedbank Cup lapho siqale khona ebhentshini. Umqeqeshi uthe asingene enkundleni sisize iqembu ukuze linqobe lo mdlalo, nangempela kwenzeka lokho,” uqhube kanje.
“Mayelana neligi, into enkulu kithina wukuthi siqhubeke nomgqigqo wethu omuhle futhi sithole imiphumela emihle noma singadlali kahle. Okusemqoka kakhulu kwiligi yimiphumela futhi yilokho esikubhekile njengeqembu.
“Siyazi ukuthi yini esifuna ukuyizuza, siyazazi izinhloso zethu. Siyethemba ukuthi indlela iqembu elibumbene ngayo, nendlela esithembana ngayo kuzosisiza ukuthi sithole imiphumela eminingi emihle kwiligi,” kusho uMabasa.