ZIPHUKE emizuzwini yokugcina izinhliziyo zabase-Argentina ngesikhathi beguqiswa yi-Italy ngo 1-0 emdlalweni kaGroup G we-Fifa Women’s World Cup obuse-Eden Park, e-Auckland, ngoMsombuluko.
La maqembu abebheke ukuzibeka endaweni engcono kuleli qoqo ngemuva kokuthi iSweden ithele phansi iNingizimu Afrika ngo 2-1 ngeSonto.
Igoli elisize i-Italy ukuthi iwaqoqe womathathu amaphuzu lishaywe yisilomo saleli qembu, uCristiana Girelli, ngomzuzu ka-87.
Lo mdlali obeseshayele iqembu lesizwe amagoli angu-53 ngaphambi kwalo mdlalo, akazange awuqale umdlalo, kuthe uma izinto zingalungi umqeqeshi, uMirlena Bertolini, wamfaka ngomzuzu ka-83.
Kuthe kungakapheli nemizuzu emine engenile walibeka enethini ngekhanda, ehlangana nebhola elihle ebeligotshwe nguLisa Boattin ngakwesokunxele.
UGirelli usenamagoli amane emlandweni weNdebe yoMhlaba kwazise ngo-2019 wahlohla amathathu bebhekene neJamaica.
Lo mphumela uchaza ukuthi iSweden isaqhwakele kuGroup G ngamaphuzu amathathu, ilandelwe yi-Italy, nayo esinamathathu. La maqembu ahlukaniswe wukuthi iSweden ishaye amagoli amabili ibhekene neBanyana.
Ukuba neqanda kwe-Argentina neBanyana kuGroup G kwenza umdlalo wabo wangoLwesihlanu ube mqoka kakhulu kwazise womabili amaqembu ezobe ebheke ukuphuma namaphuzu amathathu, azobuyisa ithemba lokudlulela kweyomkhumulajezi.
Ekhuluma ngemuva kokujikelwa yiSweden umdlalo usuyophela, ukaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, ukubeke kwacaca ukuthi basabheke lukhulu emidlalweni yabo emibili esele.
“Kumqoka ukubheka emuva, sibone ukuthi yikuphi esikwenze kahle nesingakwenza kahle emdlalweni wokuqala bese sidlulela kolandelayo. Sizogxila emdlalweni owodwa ngesikhathi,” kusho uJane.
“Besiyilungiselele iSweden kodwa manje sesizoqhubekela phambili silungiselele i-Argentina. Akuphelile ngathi, sisnemidlalo emibili esele.
“Sidumele ngomphumela, ngeke ngikuphike lokho kodwa sisazodlala. Ngeke sivele siphonse ithawula ngoba sisenalo ithuba.”
I-Italy izodlala olandelayo neSweden ngoMgqibelo, okuwumdlalo ongase ucacise ukuthi yiliphi iqembu elizozibekisela indawo kwiLast 16 kuqala kuleli qoqo.