BEKUMQOKA ukuthi iKaizer Chiefs inqobe umdlalo wayo neSuperSport United nokusize ekutheni kubuyise ukuzethemba kubadlali bayo.
Lokhu kushiwo umqeqeshi weqembu, u-Arthur “10111” Zwane ngemuva kokuthi beqoqe amaphuzu amathathu behlula Amatsatsantsa a Pitori ngo-2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseFNB Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli aweze iChiefs kulo mdlalo ashaywe ngumgadli wayo omusha waseBurundi, uBonfiles-Caleb Bimenyimana.
Ele SuperSport livalelwe phakathi uGrant Margeman kungakapheli imizuzu ewu-20, kwadingeka ukuthi Amakhosi avuke azithathe ukuze abuye.
IChiefs iye kulo mdlalo iphuma emidlalweni emithathu ihluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele.
Kowandulela lona we-United, ibanjwe yiMarumo Gallants nokuwumphumela oshiye igama likaZwane lintanta phezulu ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, iningi likhala ngokuthi uyamhlula umsebenzi, kumele kutholwe omunye umqeqeshi.
Emidlalweni eyisishiyagalombili, ezikaZwane zisanqobe emithathu kuphela, zadlala ngokulingana kwemibi, zadliwa kwemithathu. UZwane obezwakala ejabule, uthe bebekudinga ukunqoba kulo mdlalo.
"Siphuma esimeni esinzima lapho sihluleke ukunqoba emidlalweni embalwa. Besikudinga ukunqoba kwiSuperSport ukuze abadlali bethu bezobuyelwa ukuzethemba. Ukunqoba kwethu kuzokwenza ukuthi sikwazi nokusebenzisa abanye abadlali.
“Imidlalo yethu ibukwa yinqwaba yabantu uma kuhlanganiswa nabayibuka kwithelevishini. Kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi sihlale senza kahle, siyiqembu elikhulu. Ukunqoba kwethu kuzophinde kukhuphule ukuzethemba njengoba siya emdlalweni weMTN 8 naMaZulu," kusho uZwane.
IChiefs iqhathwe naMaZulu kowandulela owanqamu weMTN 8. Umlenze wokuqala uzoba ngo-Okthoba 1 uma sekubuywa ekhefini leFifa. Owesibili uzoba ngo-Okthoba 22, ezindaweni ezizomenyezelwa.
Ngemuva komdlalo weChiefs, uGavin Hunt, uthe bazovuka bazithathe.
UZwane ubuye wathembisa ukuthi kukhulu okusazokwenziwa uBimenyimana enkundleni.
“UBimenyimana bengihlale ngazi ukuthi usazowashaya amagoli, futhi usazoqhubeka. Nakuba namhlanje eshaye lawa akwazile ukuwathola kodwa bekubaluleke kakhulu kuyena ukuthi awathole. La magoli azokukhuphula ukuzethemba kwakhe.”
Umqeqeshi we-United, uGavin Hunt, uthe bazovuka bazithathe.
"Ibhola linjalo-ke, uzitshela ukuthi usunqobile kanti kusazokwenzeka okunye. Sishaywe ukwenza amaphutha ambalwa. Ukube besiqaphele ngokwanele saphinde sakwazi ukuvalela amathuba ngendlela efanele, ngabe sinqobile. Sidlala kahle, kumele silungise amaphutha ambalwa. Emdlalweni olandelayo kumele senze kahle," kusho uHunt.
Kolandelayo, iSuperSport izodlala neRoyal AM, ngo-Okthoba 4 koweligi, eLucas Masterpiece Moripe Stedium. Kwi-log yeDStv, Premiership, Amatsatsantsa A Pitori oseqoqe amaphuzu awu-11, emidlalweni eyisishiyagalombili.