IQALE ngenothi elibi isizini ka-2025 yeHollywoodbets Super League ngenxa yezihibe ezidalwe ukungaboni ngaso linye phakathi kwenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, nabaxhasi iHollywoodbets.
Kushayise amakhala ukuthi isizini entsha ivule ngemidlalo emibili kuphela ngoMashi 9 lapho i-University of Johannesburg iguqise khona omakoti, i-University of Cape Town ngo 1-0, kwathi iJVW FC yanqoba elinye iqembu elisha, i-Ezemvelo Women’s FC, ngo 3-2.
Ngempelasonto edlule kuphinde kwadlalwa imidlalo emibili kuphela. Ompetha, iMamelodi Sundowns, baqumbe phansi iJVW ngo 2-0, komunye umdlalo iTUT yabambana ngo 0-0 neFirst Touch Ladies.
ISafa isidalule ukuthi imidlalo isazophazamiseka kule nyanga ngenxa yokuthi kukhona abangakavumelani ngakho neHollywoodbets.
Esitatimendeni esikhishwe yiSafa iveze ukuthi inqume ukuthi kubekhona imidlalo embalwa edlalwayo ukuze kungaphazamiseki izinhlelo phakathi kwayo nenhlangano yokusakaza iSABC njengoba izingxoxo neHollywoodbets zisaqhubeka.
“Sizwakalise ukubonga kwethu ngokwesekwa yiHollywoodbets saphinde sagqamisa nesidingo sesixazululo ukuze kugwenywe ukuphazamiseka kokuqhubeka kweligi, okungase kuphazamise namalungiselelo eBanyana Banyana eWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ngoJulayi,” kusho isikhulu esiphezulu seSafa, uLydia Monyepao, esitatimendeni.
Isizini eqhubekayo yeBetway Premiership iqale maphakathi noSephthemba, ekubeni ijwayele ukuqala ngo-Agasti, ngenxa yokuthi iPremier Soccer League yayisalungisa udaba lwabaxhasi.
IHollywoodbets iqale ukuba ngabaxhasi beligi ephezulu yabesifazane ngo-2021. Iphinde ixhase neyabesilisa ephansi, iSafa Men's Regional League, eqale ukuyeseka ngo-2023.
Khonamanjalo, amaqembu asaqhubeka nokulungiselela ukuqala imidlalo njengoba iTS Galaxy Queens imemezele abadlali abasha izolo.
Leli qembu eliqede endaweni yesithathu lisayinise abadlali abayisishiyagalombili, okubalwa kubona ukaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, osedlale iminyaka eminingi phesheya emaqenjini afana ne-AC Milan neSassuolo.
Abanye abadlali abasikwe yiRockets nguLeandra Smeda, Babalwa Mngxunya, Gontse Homba, Nelly Gamede, Sinazo Zinto, Lethabo Ledwaba noBetty Mallela.
Ukuqinisa isikwati ngalolu hlobo kukhombisa ukuthi leli qembu lizimisele ukuqhudelana namaqembu alishiyile ngesizini edlule, iSundowns ne-University of Western Cape.
IGalaxy izovula isizini ngokubhekana neFirst Touch Ladies e-Old Peter Mokaba Stadium namuhla ngo-3 ntambama komunye wemidlalo ezosakazwa.
Omunye umdlalo uzoba phakathi kweCopperbelt FC neDurban Ladies enkundleni efanayo ngo-11 ekuseni.
IDurban Ladies nayo isayinise abadlali abasha abangu-13, okubalwa kubona uNomfundo Xulu, Sinothiwe Jele, Memory Makhanya, Lucia Gaonwe nabanye.