UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uncome abadlali bakhe ngokugoba iqhinga leSekhukhune United bagcina bebuye namaphuzu amathathu agcwele, beguqisa leli qembu ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesine ebusuku.
Igoli leGolden Arrows kube yimbumbulu yeshodi elivalelwe phakathi nguBrandon Theron ngesiwombe sokuqala.
Ukunqoba kwe-Arrows umdlalo kusho ukubuyela kwayo endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership, njengoba yehlukaniswe ngamaphuzu ayisikhombisa neMamelodi Sundowns.
“Besazi ukuthi iSekhukhune izohlasela ngeqhinga le-4-4-2, ngakho besize kulo mdlalo sizilungisele, sikwazi esikulindele.
“Abadlali bami bakwazile ukulandela iqhinga ebengibatshele lona, sakwazi nokubamba iqhinga layo (iSekhukhune) lokuhlasela ngokugoba amabhola ngenxa yokuthi unozinti wethu, uWatenda (Ismail) ubekwazi ukuphuma avimbe amabhola,” kusho uKhenyeza.
“Ukushaya kwethu igoli bese sikwazi nokuphunga izitha, kugcine kusisebenzele.”
Lona bese kungumdlalo wesithathu uKhenyeza ethathe ekubeni wumqeqeshi oyinhloko, kulandela ukushiya kukaVusumuzi “Kanu” Vilakazi osekwiChippa United.
Emdlalweni wakhe wokuqala ethathe izintambo, ezakhe zibambane ngo 0-0 neStellenbosch FC, kowesibili zaguqisa iCape Town Spurs ngo 2-1 njengoba seziqoqa amanye amaphuzu amathathu kwiSekhukhune.
I-Golden Arrows kubukeka isayibambe ngohlelo kule sizini ka-2023/24, futhi ikhombisa ukuba yiqembu elingcono ngokuhlangana.
Ngaphandle kukaTheron ongumdlali wasemuva, okunguyena oshaye ingcwenga yegoli i-Arrows iguqisa iSekhukhune, ungomunye wabadlali abambalwa abasayiniswe yileli qembu kule sizini asebekhombisile ukuthi kungani leli qembu libasayinisile.
Abafana Bes’thende bayoze babuyele ensimini ngo-Okthoba 28 emuva kwekhefu leFifa, ngokubhekana neKaizer Chiefs, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.