OWAYENGUMQEQESHI weLamontville Golden Arrows osengumhlaziyi webhola uSimon Ngomane, ukholwa wukuthi umqeqeshi weqembu uMabhuti Khenyeza, unekusasa elihle ekuqeqesheni.
Yize kunjalo uNgomane ubona sengathi njengamanje uKhenyeza udinga iphini eseliqine ukhakhayi kulo mkhakha ukuze inqola ingaphumi emzileni.
Le nkakha eyayicija i-Arrows ngasekuqaleni kweminyaka yo-2000, isho kanjena nje kubukeka isiqala ukushisa insimbi kuKhenyeza othathe izintambo njengenhloko yomqeqeshi ngemva kokwesula isigubhukane kukaVusumuzi Vilakazi, abeqeqesha naye ngokubambisana.
Ngemuva kokushiya kukaVilakazi unqobe imidlalo emine, wabe eseshawa emidlalweni emithathu ilandelana, okubalwa ukubhaxabulwa kabili ngaMaZulu FC kowomkhumulajezi noweligi, neRoyal AM. UKhenyeza ebhentshini usizwa nguMusa Bilankulu.
“UMabhuti ungumqeqeshi onekusasa kusukela esethimbeni labaqeqeshi kwi-Arrows, ukhombisile ukuthi kukhona eza nakho. Unomfutho nogqozi, futhi uyakwazi ukukhuthaza abadlali bamlalele benze into ayifunayo. Kodwa, ngokwami ukubona ngikholwa wukuthi umqeqeshi okuleli zinga lakhe uyamdinga omunye umqeqeshi onamava, azosebenzisana naye njengamanje.
“Ukhumbule kungokokuqala ukuthi aqeqeshe njengenhloko yomqeqeshi esigabeni seDStv Premiership, ngakho akakabi naso isipiliyoni esanele,” kuphawula uNgomane.
“Noma singasazi isizathu sokuhamba kukaVilakazi eqenjini kodwa ngikholwa wukuthi kube yishwa elikhulu ukuhamba kwakhe ngenxa yomsebenzi omuhle abesewuqalile noKhenyeza, nolwazi analo ekuqeqesheni.
“Akungoba ngimbukela phansi uMusa Bilankulu, oyiphini likaKhenyeza kodwa njengamanje sekuyacaca ukuthi uKhenyeza uyamdinga umqeqeshi oseqinile azosebenzisana naye ukusa inqola phambili. Uneqembu elihle elixutshwe ngabadlali abasebancane, abanekhono elingangabazeki.”
UKhenyeza ofana nedlozi le-Arrows ngoba waqala kuyona ukudlala esigabeni esikhokhelayo. Wahamba, wabuyela kuyona njengomdlali. Uqale ukuzibandakanya nokuqeqesha ngokuba yiphini lowayengumqeqeshi waMaZulu FC, uJozef Vukusic, ngesizini ka-2019/2020.
Wathi xhinti ekuqeqesheni i-TS Galaxy isadlala kwiFirst Division (Motsepe Foundation Championship), ngaphambi kokwehliselwa eqenjini layo elidlala kwiDiski Challenge ngenkathi abaphathi bayo bethenga isitifiketi seDStv Premiership kwiHighlands Park.
Maphakathi nesizini ka-2020/2021 wajoyina ithimba labaqeqeshi le-Arrows njengephini lomqeqeshi uMandla Ncikazi.
Abafana Bes’thende okuyiwe ekhefini leFifa behlezi endaweni yesine kwi-log yeDStv Premiership, bazobuyela ensimini ngomdlalo omqoka wasekhaya neCape Town City, ngoNovemba 26 ngo-5.45 ntambama eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.