UKUQEQESHA iqembu isizini iqala ize iyophela, kumvule amehlo ngalo msebenzi uMabhuti Khenyeza, ocija iLamontville Golden Arrows, ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi.
Laba baqeqeshi abake bagijima kwi-Arrows phambilini banikwa izintambo ngo-Ephreli nyakenye, ngemuva kokuthi ibhantshi ligcwale umoya kuLehlohonolo Seema.
Emidlalweni eyisithupha ababebambe kuyona ngaphambi kokuthi kuphele isizini edlule, Abafana Bes’thende banqoba emibili, badlala ngokulingana kwemithathu bahlulwa kowodwa, baqeda endaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Imisebenzi yabo yaholela ekutheni ngoJuni nyakenye iqembu limemezele ukuthi bazoqhubeka nokuliqeqesha ndawonye ngesizini ka-2022/23.
Njengoba sekusele imidlalo emibili isizini iphele, kubukeka sengathi bazolithola ithuba lokuqedela umsebenzi abawuqalile. I-Arrows isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-28.
Inamaphuzu alinganayo neRoyal AM, esendaweni yesishiyagalombili, bese isala ngamabili kwiSekhukhune United esendaweni yesikhombisa.
“Ngesizini edlule sithathe sekusele imidlalo eyisithupha futhi isimo besehlukile ngoba bekuyisigaba esibucayi sesizini njengoba ibisizophela,” kusho uKhenyeza.
“Kule sizini bekumele siqale kabusha sethule izinto ezintsha njengokuthi sifuna iqembu lidlale kanjani. Lezo zinto zithatha isikhathi, ikakhulukazi uma usebenza nabadlali abangaziwa, bencintisana nabadlali asebemnkantshobumvu.
“Kube yinselelo enhle kithina njengabaqeqeshi abasebancane, ngisho ngoba ngicabanga ukuthi kumele ube nomkhaba noma yimpandla ukuze uhlonishwe eNingizimu Afrika.
“Sibhekane nobunzima kodwa kuhle ngoba sesidlulile kuleso sigaba manje, ngeke siphinde sibhekane nento efanayo. Sekumele sithathe igxathu elilandelayo.”
UKhenyeza useke waba yiphini lomqeqeshi kwiMaritzburg United, AmaZulu nakuyona i-Arrows phambilini, wabuye waba ngumqeqeshi kwiTS Galaxy.
Nokho uvumile ukuthi okuningi kufundwa ngendlela njengoba ziningi izingqinamba obhekana nazo uma uphethe izintambo.
“Asibhekani nendaba yokudlala kuphela, kuningi okumele sikulawule njengabaqeqeshi. Kwesinye isikhathi iqembu liyadliwa kodwa kumele ukhombise isibindi phambi kwabadlali,” usho kanje.
“Kunezinto ezidinga ukulungiswa. Ngingenza isibonelo ngokuthi sike saba nenkinga yokungenelwa amagoli aqhamuka kumakhona nama-freekick, nokuhluleka ukuvimba izitha uma zisihlasela ngokuzuma.
“Lezo ngezinye zezinto esizibonile futhi siyazi ukuthi kumele sithuthuke ngesizini ezayo. Kumele ubhekane nazo kuqala ukuze ukwazi ukuzilungisa.”
Ngaphandle kwalezi zinkinga, uKhenyeza uthe kubalulekile kubona njengabaqeqeshi ukugcina indlela yokudlala i-Arrows eyaziwa ngayo yize izinto zibuye zingahambi kahle.
Imidlalo emibili esele isizocacisa ukuthi leli qembu lizokwenza kangcono yini kunesizini edlule, lizibekisele indawo kwiMTN 8, okuyiyona kuphela indebe elisayinqobile esigabeni esiphezulu.
Abafana Bes’thende bazodudulana nomkhaya, AmaZulu FC, ePrincess Magogo Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ngaphambi kokusonga isizini neChippa United ngoMeyi 20.
“Kuhlale kunzima ukudlala naMaZulu kodwa amalungiselelo ayafana. Sifuna ukunqoba ngoba inhloso yethu wukungena kwi-Top 8. Umehluko yiphuzu elilodwa noma amabili. Uma unqoba uyakhuphuka futhi lokho kuyasikhuthaza.
“Siyawahlonipha AmaZulu kodwa asigxilile kuwo, sizibheke thina. Kufanele simelane nomdlalo, senze okufanele sikwenze uma siphethe ibhola noma singaliphethe. Kumele sakhe amathuba siphinde siwasebenzise,” kusho uKhenyeza.
AmaZulu asendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-28, nawo azobe ebheke ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu.
Ngesikhathi la maqembu etholene emzuliswaneni wokuqala weligi i-Arrows yawathatha wonke amaphuzu inqoba ngo 1-0 ngegoli likaPule Mmodi.