ABAQEQESHI beLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu, babhekene nenselelo yokugcina umgqigqo omuhle wakamuva obeke leli qembu endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngaphambi kwekhefu leFifa.
IGolden Arrows ezotholana phezulu neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo (namuhla) ngo-3 ntambama.
Leli qembu libuyela ensimini okokuqala ngemuva kwekhefu leFifa seyehlukene nomunye wabaqeqeshi bayo uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, osekwiChippa United njengosomaqhinqa wabaqeqeshi.
UVilakazi wesule isigubhukane kungazelele muntu ngesizathu esingaqondakali, emuva kwezinsuku ezimbalwa leli qembu lixebule iSupersport United ngo 3-0 emdlalweni wePremiership ngo-Agasti 29.
Ngokusho kokhulumela i-Arrows, uComfort Thusi, uKhenyeza noBilankulu yibona abazoqhubeka nokucija abadlali baleli qembu ngokubambisana.
UBilankulu ubengumqeqeshi wesithathu ethimbeni labaqeqeshi be-Arrows ebeliholwa wuVilakazi osehambile noKhenyeza abebeqeqesha ngokubambisana.
UKhenyeza noBilankulu bafana namadlozi akuleli qembu laseLamontville, kwazise badlale isikhathi kulona, nakuba beke balishiya baya kwamanye amaqembu, kodwa baphinde bakhuza ibuya.
“Asikho isidingo sokufuna umqeqeshi bekhona esinabo. Bakhule ngokwanele manje ekuqeqesheni. Usihlalo weqembu, uMato Madlala uyabathemba ukuthi bazowuhola kahle umkhumbi weGolden Arrows,” kusho uThusi,
Nakuba i-Arrows ingasayinisanga abadlali abanegama, kodwa abadlali ebasayinisile okubalwa kubo uLungelo Nguse, u-Angelo Van Rooi, no-Olwethu Ncube, basakhombise ukuba ngabadlali leli qembu elingenzanga iphutha ngokubalanda njengoba uNguse osuka kwi-University of Pretoria, useshaye amagoli amabili emidlalweni emihlanu.
UKhenyeza owaqala ukuzakhela igama kwi-Arrows ngokungalibheki ipali ngaphambi kokugijima kwamanye amaqembu ePremiership, usezithuthukisile ngolwazi lokuqeqesha waphinda waba yiphini labaqeqeshi abehlukene kwiMaritzburg United, AmaZulu FC, waqeqesha isikhashana kwiTS Galaxy isadlala kwiMotsepe Foundation Foundation, ngaphambi kokubuyela kuBafana Bes’thende.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Lamontville Golden v Stellenbosch FC (Mpumalanga Stadium)
Ngo-5.30pm:
Kaizer Chiefs v Royal AM (FNB Stadium)
Kusasa:
AmaZulu v Cape Town City (Moses Mabhida Stadium)