USOLA abantu abangaphandle ngokuzama ukudala uqhekeko eqenjini umgadli weqembu lesizwe labesifazane uThembi Kgatlana. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iqembu liqophe umlando lifinyelela kwiLast 16 yeFifa Women’s World Cup.
IBanyana ishaye i-Italy ngo 3-2 ngoLwesithathu, yaqeda endaweni yesibili kuGroup G ngamaphuzu amane. Ibiqala ngqa ukunqoba umdlalo eNdebeni yoMhlaba.
Phezu kwempumelelo kube namahlebezi okuthi kunokushayisana ngaphakathi eqenjini ngenxa yokuthi kunabadlali abangalitholi ithuba lokudlala.
UKgatlana, obengukaputeni ngesikhathi libhekene ne-Italy ngenxa yokuthi uRefiloe Jane usalulama, uthe le mibiko ingamampunge.
“Lokho kushiwo ngabantu abazama ukuphazamisa iqembu. Kuyishwa ukuthi abantu abangaphandle abazi ukuthi kwenzakalani ngaphakathi eqenjini. Bazama ukuqagela kanti lokho abakushoyo akulona iqiniso. Ngicabanga ukuthi abantu kumele bakuqonde ukuthi ibhola umdlalo wamaqembu. Noma ngubani umqeqeshi akhetha ukumnika ijezi ngosuku lomdlalo nguyena okusuke kufanele adlale,” kusho uKgatlana ethimbeni labezindaba leSafa.
“Kuyo yomithathu imidlalo besibumbene, silwa ndawonye. Bekunzima kakhulu ngoba ukaputeni wethu ebelimele, saphinde salahlekelwa nguKholosa (Biyana) ngenxa yamakhadi aphuzi. Besinabadlali abalimele kodwa amantombazane aqhubeka nokulwa, ngisho nalabo abebesuka ebhentshini badlale ngendlela emangalisayo.
“Sisebenze kanzima, savikela igama lethu lokuba ngompetha base-Afrika futhi sayikhombisa i-Italy ukuthi singaqophisana nayo enkundleni.”
Igoli elishaywe nguKgatlana bedlala ne-Italy ,bekungelesibili kulo mqhudelwano, engeza kuleli alishaya emdlalweni wesibili ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Argentina.
Usenamagoli amathathu emdlandweni weNdebe yoMhlaba njengoba athola elilodwa bedlala neSpain kweka-2019 eFrance.
“Ngiyaziqhenya ngalokhu engikwenzile ikakhulu uma ngibheka lapho ngiphuma khona. Ngihlale unyaka wonke ngingadlali ngenxa yokulimala, ngabuyela eqenjini ngakwazi ukushaya ngiphinde ngakhe amagoli,” kusho lo mdlali odlalela iRacing Louisville, e-United States of America.
“Njalo uma ngigqoka leli jezi ngiyazi ukuthi ngisuke ngingadlaleli mina ngedwa, ngisuke ngimele izigidi zabantu baseNingizimu Afrika. Abanye bebekhona eWellington, bezoseseka kanti abanye bebebukela ezindaweni ezehlukene emhlabeni. Ngimele iqembu lami, abantu abanginakekelayo. Ngimele ozakwethu futhi sisonke simele imindeni yethu.
“Ngicabanga ukuthi esikwenze namuhla (ngoLwesithathu) kusazokhunjulwa isikhathi eside. Ngiyaziqhenya kakhulu ngaleli qembu.”
Engxoxweni kwithelevishini ngemuva komdlalo uKgatlana uveze ukuthi ubhekane nezingqinamba eziningi ngaphandle kwenkundla ngoba kunamalungu amathathu omndeni wakhe adlule emhlabeni emasontweni amathathu edlule kodwa wakhetha ukuhlala ekhempini ayomela izwe e-Australia naseNew Zealand.
IBanyana isizolwela ukungena kuma-quarterfinal ngeSonto ngo-4 ekuseni, uma isibhekene neNetherlands e-Allianz Stadium eSydney, e-Australia.