Ukaputeni we-England, uHarry Kane, ukhalime abadlali bakudala baleli qembu lesizwe asebephenduke abahlaziyi emithonjeni ehlukene yabezindaba, ngokuthi abehlise ukugxeka ngoba lokhu akusizi kepha kwehlisa ukuzethemba ekubeni i-Euro ka-2024 isingena kuvuthondaba.
UKane ogxekwa ngokukhombisa izimpawu zokungabi fithi ngokwanele ubekhuluma esithangamini ebesihlelwe ithimba labezindaba le-Euro ngaphambi komdlalo ka-Group C neSlovania namuhla ngo-9 ebusuku eColgne Stadium.
Indaba yokugxekwa esidlangaleni kwabadlali be-England iqine kakhulu ngemuva kokuthi ibambane ngo 1-1 neDenmark emdlalweni wesibili weqoqo ngeledlule. Leli qembu belivule umqhudelwano ngokunqoba ngo 1-0 kwi.....
NgokukaKane, esikhundleni sokukhombisa ukuzwelana nabadlali ngokungahambi ngendlela kwezinto, abadlali bakudala asebesebenza kwabezindaba bakhetha ukubagxeka.
Indlela i-England ewuqale ngayo lo mqhudelwano ayikhombisi ukuthi bekuyifanele ukubalwa namazwe angase adle isicoco ingakho abadlali bakudala be-England abafana, noGary Lineker, Phil Neville no-Alan Shearer, bengakufihli ukungenami kwabo ngabadlali abathile.
ULineker odlalele i-England emiqhudelwaneni eminingi eyahlukane uchaze indlela leli qembu elidlale ngayo libhekene neDenmark njengodoti.
“Okumqoka okufanele abadlali bakudala be-England bakuqonde ukuthi kunzima ukuziba abakushoyo ikakhulukazi kulaba badlali abasebancane,” kusho uKane kulesi sithangami ebesivezwa kwiYouTube.
“Uthando lwabo lwe-England akekho olungabazayo kepha inhlonipho kufanele kube iyona ehamba phambili kunakho konke.
“Kunzima ukugqoka ijezi le-England emiqhudelwaneni emikhulu futhi ngiyazi ukuthi abadlali bethu bakudala asebephenduke abezindaba bayakwazi lokhu.
“Yebo kumqoka ukubeka umbono kulo msebenzi wabo kodwa kubaluleke nakakhulu ukukhumbula ukuthi kunabadlali abancane abasabukela kubona namanje ngenxa yamagalelo abo besadlala,” kuxwayisa uKane sakuncenga.
Isimo i-England ekusona asisihle kwazise kusengenzeka noma yini kuleli qoqo. Okumqoka kwi-England enamaphuzu amane, ukugwema induku kwiSlovania.
Uma iphumelele ukwenza lokhu maningi amathuba okuthi idlulele kwi-Last 16 maningi.
Kuzona zonke lezi zinkinga ezingunge i-England, umqeqeshi wayo, uGareth Southgate, ujulukiswa ukuthi uzodlalisa bani emuva ngakwesokunxele ngoba, uKieran Trippier, amdlalisa endaweni angayijwayele uthintekile koweDenmark.
UTrippier udlala endaweni angayazi nje, ingoba, uLuke Shaw, odlala le ndawo naye ulimele.
Okubhekiwe ukuthi njengoba uTrippier engazange ajime ngoMsombuluko, uSouthgate uzomdlalisa yini noma uzobheka, koJoe Gomes no-Ezri Konsa, okungezinye zezitobha ezikhona emgodleni wakhe.
Imidlalo ye-Euro 2024 yanamuhla:
Group D - Ngo-6pm: France v Poland; Netherlands v Austria
Group C - 9pm: Denmark v Serbia; England v Slovania