UMDLALI wasesiswini wePolokwane City, uManuel Kambala, akakholwa wukuthi kusekhona abalandeli beKaizer Chiefs abasambambele igqubu ngakwenza ngesizini ka-2019/2020, eshaya igoli elashabalalisa amathemba Amakhosi esicoco seligi yeBetway Premiership ngosuku lokugcina lwesizini.
Cishe iningi labalandeli beChiefs lisekude ukumlibala uKambala owayesagijima kwiBaroka FC kwazise nguyena owaqeda amathemba abo esicoco seligi emdlalweni wokugcina wesizini ka-2019/20, engqomfela phakathi igoli lokulinganisa ngesiwombe sesibili elenza umdlalo waphela zibambene ngo 1-1, eBidvest Stadium, eGoli.
Kulowo mdlalo iChiefs yayidinga amaphuzu amathathu ukuze ilingane ngawu-59 neMamelodi Sundowns yona eyawunqoba umdlalo wayo wokugcina ibhaxabula iBlack Leopards ngo 3-0.
Yize ayezolingana ngamaphuzu neSundowns kodwa Amakhosi ayezoyiwina iligi ngenxa yamagoli amaningi. Ayenawu-48, AmaSandawana enawu-43.
“Hheyi, abalandeli beChiefs bangithukuthelela kakhulu ngokushaya leliya goli (ehleka). Ezinkundleni zokuxhumana abanye babengithuka kunjeyaya. Ngangingazi ukuthi ukushaya kwami igoli kuloya mdlalo kwakuzodala umsindo.
“Ngake ngesaba ngisho nokuhamba e-mall (enxanxatheleni yezitolo), ikakhulukazi eGoli, ekubeni nginabangani nezihlobo khona ngenxa yokwesaba ukuthi mhlawumbe bengenzakalise abanye abalandeli beChiefs uma bebona ubuso bami,” kusho uKampala, odabuka eQuelimane, eMozambique.
“Izinto ezinjengalezo ziyenzeka ebholeni ngoba abanye abalandeli izinto bazithatha ngenhliziyo ngenxa yokuthanda ibhola namaqembu abo, kanti-ke abanye bakhipha imali eningi bebheja. Yize kusazothatha isikhathi kubalandeli beChiefs ukungikhohlwa, kodwa angikholwa wukuthi basangibambele igqubu, impilo iyaqhubeka.”
UKambala (33) okuyisizini yakhe yesibili eyibambe kwiPolokwane ayijoyine ngesizini edlule esuka kwiMagesi FC, ukholwa wukuthi ezakhe zisengawudunga futhi umcimbi emaqenjini asembangweni wesicoco. Emidlalweni eyisithupha yokugcina yesizini zizodlala ne-Orlando Pirates esembangweni wesicoco seligi yeBetway Premiership njengamanje.
“Kusengenzeka siphinde siwudunge umcimbi. Ukhumbule iPirates yasishaya kabuhlungu ngo 3-0 emzuliswaneni wokuqala kanti sizodlala nayo ngo-Ephreli. Ngaleso sikhathi kuzobe sekusele imidlalo embalwa kuphele isizini, ngakho isasikweleta. Ngaphandle kwePirates, akhona namanye amaqembu engikholwa wuthi sizobe sibanga nawo ukuhlala kuTop 3, ngakho sisazowudunga umcimbi,” kuqhuba uKambala.
IRise and Shine, esendaweni yesithathu kwi-log yePremiership, izodlala neSupersport United ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.