IBAMBA lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson likhombe uMdali njengokunguyena ongaba nolwazi ngekusasa lalo kuleli qembu eliphinde lalahla amaphuzu ngokubambana ngo 0-0 neCape Town City kwiDStv Premiership ngempelasonto edlule, e-Athlone Stadium, eKapa.
Kusukela uJohnson enikwe umsebenzi kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki ngo-Okthoba, usenqobe imidlalo emihlanu kwengu-13 uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano.
Kulesi sibalo semidlalo uJohnson usecazelane ngamaphuzu amahlandla amane namanye amaqembu, wakhala ngaphansi emidlalweni emine yeligi, okuyizinombolo ezingehlukile kangako kwezinyundele uNtseki.
Nakuba kukhona inhlansana yethemba ngaphansi kwesandla sikaJohnson kwabathile, kodwa indlela iChiefs ekhishwe kalula ngayo kwiNedbank Cup yenza olunye uhlangothi lushaye amakhala ngaye.
Emuva kokucazelana ngamaphuzu neCity ngoMgqibelo uJohnson, ubuzwe ngamathuba akhe okusithatha ingunaphakade lesi sihlalo kwelinye lamaqembu anomlando omude ebholeni lase-Afrika.
Njengenjwayelo umbuzo uwuphendule incoko kodwa obekucaca ngempendulo yakhe ukuthi akanalwazi ngokuzokwenzeka ekupheleni kwesizini.
“Iqiniso ukuthi angazi kuzokwenzekani ngekusasa lami kwiChiefs kodwa enginesiqiniseko sakho ukuthi uMdali uyazi,” kusho uJohnson kwabezindaba eKapa.
“Akukho kimina ukuthi ngiyibamba ngoba ngiyabuqonda ubumqoka bokusebenza kulesi sikhungo esikhulu njengeChiefs.
“Njengabo bonke abalingani bami bezamile ngaphambi kwami, nami ngenza konke okusemandleni ukubuyisela iChiefs udumo lwayo.
“Ngizokwenza lokhu ngokuzinikela kuze kufike usuku lapho engiyotshelwa khona ukuthi iqembu selidelile yimina.
“Okushiwo abanye ngomsebenzi wami okwabo lokho, kodwa okushiwo imina ukuthi ngiwufake wonke umfutho kuwona. Akukukubi kangako yize kungemnandi ukulahleka kwamaphuzu njengoba kwenzeke kwiCity,” kuphetha uJohnson.
Lo mphumela ushiya iChiefs endaweni embi embangweni weqembu elizoqeda isizini lisendaweni yesibili okuhamba negunya lokumela iPremier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League neMamelodi Sundowns okusobala ukuthi izoba ngompetha nakulokhu njengoba iqengqeleza yodwa esicongweni.
Amakhosi asendaweni yesikhombisa kwi-log, anomdlalo weligi obukeka uzobanzima namuhla eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku neStellenbosch FC esendaweni yesibili.
Imidlalo yeDStv Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Mamelodi Sundowns v Richards Bay (Loftus Versfeld); Sekhukhune United v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium); AmaZulu v Polokwane City (Moses Mabhida Stadium); Kaizer Chiefs v Stellenbosch (FNB Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Golden Arrows v SuperSport United (Mpumalanga Stadium); Moroka Swallows v Orlando Pirates (Dobsonville Stadium); TS Galaxy v Royal AM (Mbombela Stadium); Chippa United v Cape Town Spurs (Nelson Mandela Bay Stadium).