UKWENZA kangcono kunabanye abaqeqeshi kukaCavin Johnson, kungenzeka kwehlise amatata kubaphathi beKaizer Chiefs abathungatha ozothatha lo msebenzi ngokugcwele.
Amakhosi abambise uJohnson isikhundla sokupheka iqembu ngo-Okthoba ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki.
UJohnson ubeyiHead of Academy eNaturena. Irekhodi lakhe engumqeqeshi weChiefs lihle uma liqhathaniswa nabaqeqeshi abamandulele.
Emidlalweni eyisihlanu asayihlale ebhentshini, uwine emithathu, wahlulwa kwemibili. Leli rekhodi lingcono ngisho kunelikaStuart Baxter okhuze ibuya eNaturena ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022 kubhekwe lukhulu kuyena.
UBaxter, emidlalweni eyisihlanu yokuqala, uwine kanye, wahlulwa kathathu, wadlala ngokulingana komunye. Indlela aqale ngayo uJohnson, ingcono kunokuqale ngayo u-Arthur Zwane noMolefi Ntseki abagcine begudluziwe ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Emidlalweni eyisihlanu kaZwane, esenikwe isikhundla ngokugcwele ngo-Agasti 2022, ushaywe kathathu, wawina kabili. UNtseki, oqale isizini ka-2023/2024, uwine kabili, wahlulwa kabili, wadlala ngokulingana komunye.
Ukuletha uzinzo kukaJohnson kungenzeka kunike abaphathi beChiefs intuba yokuphefumula, bacinge umqeqeshi omusha ngaphandle kokuxhamazela nengcindezi edalwa wukungawini kweqembu.
Kuvele ukuthi Amakhosi akhuluma nabaqeqeshi abahlukene okukhona kubona uPitso Mosimane osanda kwehlukana ne-Al Wahda yase-United Arab Emirates. Omunye umqeqeshi okuthiwa ugaqelwe yiChiefs ngu-Alexandre Gallo waseBrazil.
UMosimane usanda kucashunwa ethi uvule izandla kunoma yiliphi iqembu elimfunayo.
“Uma iMaritzburg, edliwe yizembe, ingifonela manje ithi angibuyisele iqembu kwiPremier League, ngizobuyela emuva ngilande ifayela engibuyise ngalo iqembu elikhulu kunawo wonke eSaudi Arabia, i-Al Ahli hhayi i-Al Ahly yase-Egypt, kwiPremier League.
Ngizoya noma yikuphi, inqobo nje uma ungikhombisa ofuna ukukuzuza futhi kuhambisana nokwami. Noma yiliphi iqembu ngingalisebenzela ngoba ngifuna umdlandla. Angifuni ukuvuka ekuseni ngenzele ukugcina icala. Ngifuna ukusho ukuthi ngifuna ukuyenza le nto,” kusho uMosimane.
Nakuba ukuhamba kahle kwezinto ngaphansi kukaJohnson, obeyiphini likaMosimane kwi-Al Ahly, kuzokwenza banethezeke abaphathi beChiefs kodwa umlando uyakuveza ukuthi izinto zingashintsha ngokushesha, anuke iqaqa kubalandeli lo mqeqeshi.
Emdlalweni wakamuva nePolokwane City, iChiefs ikhombise ukwenyusa izinga. Ngaphezu kwalokho, abadlali bakhombise ukuzinikela, ancipha namaphutha ayinsakavukela emidlalweni yaleli qembu.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngoDisemba 23 uma eseyogadulisana neRichards Bay koweligi e-FNB Stadium, eGoli. UNeil Tovey, owayengukaputeni weChiefs, utshele Isolezwe kuleli sonto, ukuthi iChiefs njengoba uJohnson ekhombisa ulwazi lwebhola afuna ludlalwe kwiChiefs, kuzomele abaphathi basheshe bathathe isinqumo ngaye ukuze lo mqeqeshi nabadlali bakwazi ukuzinza bebheke phambili.