UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, ukhathazwa wubukhali be-Orlando Pirates abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership kusasa.
Amatsatsantsa a Pitori azogadulisana neZimnyama ehambela phezulu kulandela ukuqoqa amaphuzu agcwele kwi-Al-Hilal Benghazi yaseLibya emdlalweni wesigaba samaqoqo weCaf Confederation Cup obungoLwesithathu.
Bekungokokuqala iSuperSport iwina esigabeni samaqoqo salo mqhudelwano kule sizini. Ngaphambi kwalokho, ihlule iMoroka Swallows koweligi. Akubuzwa ukuthi uHunt uzofuna baqhubeke nawo lo mgqigqo uma sebebhekene nePirates ePeter Mokaba Stadium,ePolokwane, kusasa ngo-17:45 ntambama.
Nokho lo mqeqeshi uyabuqonda ubungozi beZimnyama ezisefomini enhle kulezi zinsuku. Emidlalweni eyisithupha yakamuva yeligi, iPirates isiwine eyisihlanu okukhona kuyona owabakhaya neKaizer Chiefs. IPirates igcine ukwehlulwa ngoNovemba 1 ikhala ngaphansi kwiCape Town Spurs ngo 2-1.
“Sebewine imidlalo eyisithupha noma eyisikhombisa ilandelana. Baneqembu elihle, eliqinile. Banabadlali abahle kuzona zonke izindawo. Akukhathaleki ukuthi ubani ophumayo, ubani ongenayo. Angifuni ukuzifaka kakhulu kulokho kodwa banesikwati esisezingeni eliphezulu, umqeqeshi omuhle futhi bawine izindebe ezimbili. Ngonyaka odlule baqede endaweni yesibili, ngaphezu kwethu. Basidlule ekugcineni. Kubuhlungu lokho. Kodwa bayiqembu elihle, elinabadlali abasezingeni eliphezulu. Banomunye wabadlali bethu abaphezulu bangesizini edlule uPatrick (Maswanganyi) oyinsika eqenjini labo,” kusho uHunt.
Ngakolunye uhlangothi, iSuperSport isazama ukubuyisa umgqigqo kulandela ukungenelwa yisibhaxu imidlalo ilandelana emasontweni adlule. Enye yezinkinga ezibhekane nezikaHunt kule sizini wukulinyalelwa ngabadlali basemuva abamqoka okukhona kubona uThulani Hlatshwayo, Siyanda Xulu no-Onismor Bhasera.
“Izinkinga zethu ziyaziwa. Emuva sinezinkinga. Sibe nezinkinga unyaka wonke. Lona ngomunye umdlalo esizozama ukuphuma singalinyalelwe kuwona. Sizobhekana nawo njengoba sihlala senza. Sizodlala ngendlela efanele, sizame ngakho konke esinakho ngalokhu esinakho,” kusho uHunt.
ISuperSport isendaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-26 emuva kwemidlalo engu-14. IPirates isezithendeni zayo ngamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-14. Lokhu kusho ukuthi iSuperSport kumele yehlule iPirates ukuze ingagudluki endaweni yesibili njengoba kwenzekile ekupheleni kwesizini edlule.
Esicongweni se-log kusahlezi iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-33 emuva kwemidlalo engu-11.