UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, uyavuma ukuthi akusafanele kuthenjelwe kakhulu kumgadli wakhe osemnkantshubomvu, uBradley Grobler, yize esaqhubeka nokulitakula leli qembu ngokulishayela amagoli amqoka.
UHunt ukusho lokhu ngemuva kokuba le nkalimeva yomgadli ingene ngesiwombe sesibili yaphinde yatakula leli qembu lasePitoli, ngokulishayela igoli elimqoka ngemizuzu yokugcina nokuyilona elinqobe ngalo liguqisa iRichards Bay FC ngo 1-0 koweBetway Premiership ngoLwesihlanu, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Leli bekuyigoli likaGrobler (36) lokuqala kule sizini emdlalweni wakhe wesithathu weligi ngemuva kokubuya ekulimaleni.
“Ngeke sihlale sithembele kuyena. Useneminyaka esishayela amagoli amqoka kodwa futhi usehlushwa kakhulu nawukulimala. Khona manje usanda kubuya ekulimaleni akuthola ngo-Agasti, emdlalweni wakhe wokuqala wesizini kowomkhumulajezi (MTN 8).
“Ngimdlalisile emasontweni amabili edlule, ngabona ukuthi akakalungi kahle, kodwa hheyi namuhla (ngoLwesihlanu) ungigeze igilo esishayela igoli lokuwina ngemizuzu embalwa nje esanda kungena eqala ukuthinta ibhola, walibeka enethini,” kubeka uHunt.
UGrobler yisizini yakhe ka-13 lena egijima kuMatsatsantsa awajoyina ngesizini ka-2012/2013, esuka kwi-Ajax Cape Town. Wayejoyine i-Urban Warriors esuka kwi-Goztepe yaseTurkiye, adlala kuyona isizini eyodwa ikade imthathe kwiPlatinum Stars.
Nakuba ehlushwa wukulimala, lo mgadli owadla umklomelo wokuba yiBetway Premiership Top Goalscorer ngesizini ka-2020/2021 ngokuhlohla amagoli angu-16, usalokhu eqhubekile nokuba yisethenjwa saMatsatsantsa angayiqalanga kahle le sizini ka-2024/25.
“Kunemidlalo esidlale kahle kuyona kodwa asangabuya nalutho. Yingakho-ke ngithi ebesikudinga kakhulu kulo mdlalo ngamaphuzu, okuyiwona asenze sathi ukuxaxama kancane (kwi-log), sakwazi nokuthola ukuphefumula.
Yize-ke kungukuphefumula kwesikhashana ngoba sinomdlalo omqoka esiya kuwona kule mpelasonto ezayo njengawo wonke amaqembu, nesidinga ukugcina umgqigqo wethu kuwona.”
Amatsatsantsa abesedlale imidlalo emithathu ilandelana enganqobi, okubalwa ashayelwa ekhaya kuwona yiMarumo Gallants ngeledlule ngaphambi kokuvuka ngeRichards Bay.
Azobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya lapho ezobhekana khona neMagesi FC eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.