UMQEQESHI weMinnesota United, u-Eric Ramsay, ukholwa wukuthi umdlali wakuleli, uBongokuhle Hlongwane, unakho konke okudingekayo ukuze abe ngomunye wabagadli abavelele.
UHlongwane (24), ufike kuleli qembu lase-USA eligijima esigabeni esiphezulu, iMajor League Soccer (MLS), ngo-2022, esuka kwiMaritzburg United.
Ujwayele ukudlala esiswini ngakwesokudla kodwa uqaliswe phambili ngesikhathi beguqisa iSan Jose Earthquakes ngo 2-1 ngeSonto eledlule. Womabili amagoli eLoons aqhamuke kuHlongwane ngokwehlukana kweziwombe.
Leli qembu lijwayele ukubophela uTeemu Pukki, Kelvin Yeboah noTani Oluwaseyi phambili, kodwa uRamsay uthe uHlongwane usezibonakalisile ukuthi uyilungele le ndawo.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu owaqala ukubuka uBongi ngingakafiki nakuleli qembu uyazi ukuthi ungumdlali oyingozi kangakanani futhi kukhulu asengakwenza kuleli zinga,” uRamsay usho kanje kwi-video ephanyekwe kwi-website yeqembu.
“Sijwayele ukuthembela kuyena ukuthi asikhandele amathuba kodwa bekukuhle ukumbona edlala ngendlela ehlukile kulo mdlalo. Bekungekho emahlombe akhe ukuthi asakhele amathuba. Ukwazile ukusondelana noKelvin abebambisene naye phambili.
“Uziphendlele yena indawo phambili ngokungikhombisa ukuthi unakho konke okudingekayo kumgadli. Unamandla nesivinini futhi akulula ukuqagela ukuthi uzokwenzani. Angashaya amagoli ngezindlela ezihlukene.
“Kuhle ukwazi ukuthi abadlali bethu singabashintsha enkundleni uma sibhekene namaqembu azihlela ngezindlela ezihlukene.”
UHlongwane useshaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-25 kwi-MLS kule sizini.
Ngesizini edlule, wahlohla angu-17 emiqhudelwaneni ehlukene. Ayisishiyagalombili aqhamuka kwiMLS, kwathi amanye ayisishiyagalolunye wawathola kweyemkhumulajezi, iLeague Cup ne-US Open Cup.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, wagcina ukumbiza ngesikhathi elakuleli lidlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba neBenin neRwanda ngoNovemba nyakenye.
Akamqokanga kwelaqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations ngasekuqaleni konyaka, wangambiza kweladlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba neNigeria neZimbabwe, ngoJuni, njengoba esephinde wamshiya kwelidlale ne-ne-Uganda kweyokuhlungela i-Afcon, elizobhekana neSouth Sudan kusasa.
Ngesikhathi ebuzwa ngalo mdlali ngoMeyi, uBroos wabala ukungayiqali kwakhe imidlalo eqenjini lakhe njengesizathu esikhulu sokuthi amshaye ngesithende.
Nokho, kubukeka sengathi izinto sezimhambela kangcono kwiMinnesota njengoba eyiqalile imidlalo engu-14 kwengu-15 yakamuva.