Sekhukhune United (0) 0
Cape Town City (0) 1
ICAPE Town City ibe yiqembu lesithathu ukuzibekisela indawo emzuliswaneni weyandulela owamanqamu eMTN 8 ngokushaya iSekhukhune United emdlalweni obudlalelwa eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
Kuwo womabili la maqembu kubonakale abadlali bawo abasha asanda kubasayinisa kuleli njengoba lisavuliwe iwindi lokubhalisa abadlali lePremier Soccer League (PSL).
Esikimini seSekhukhune ebingosokhaya kulo mdlalo, kubonakale uThabang Monare osuka kwi-Orlando Pirates oqale umdlalo noShaune Mogaile osuka kwiRoyal AM ongene esuka ebhentshini. UNjabulo Ngcobo osuka kwiKaizer Chiefs noLindokuhle Mtshali osuka kwiMoroka Swallows bona bebesebhentshini.
ICity ayipholisanga maseko ngezinduku zayo ezintsha ibophela esikimini sayo uFortune Makaringe osuka kwiPirates, uHaashim Domingo osuka kwiRaja Casablanca yaseMorocco noKamohlelo Mokotjo osuka kwiSekhukhune.
Ngesiwombe sokuqala womabili amaqembiu awatholile amathuba kodwa iCity kwaba yiyona ethola ithuba elingcono kakhulu lokuthola igoli ngokuthola iphenathi ngomzuzu ka-41, kodwa uDarwin Gonzalez wayishaya yashaya ipali isimdlile unozinti weSekhukhune, u-Ali Sangare.
Yize ngesiwombe sesibili iCity ikhombise ukuba ngaphezudlwana ngomdlalo kodwa bese kubukeka umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe ngenkathi ithola iphenathi ngomzuzu ka-86 sekusele imizuzu emine kuphele umdlalo. Unompempe uThabo Mkhabela uyikhombe emlotheni emuva kokuthi uSiphesihle Mkhize weSekhukhune ebambe ibhola ngesandla ebhokisini kukade kuyi-free kick.
Iphenathi iphinde yathathwa nguye uGonzalez obeyigejile ngesiwombe sokuqala, kulokhu akangalenza iphutha wayivalela enethini, nokube yiyona ezakhe ezigcine zinqoba ngayo ezika-Erick Tinkler kulo mdlalo zedlulela kowandulela owamanqamu.
I-The Citizens seyijoyine iPirates neStellenbosch kweyandulela owamanqamu. Iqembu lesine lizophuma kozonqoba phakathi kweMamelodi Sundowns nePolokwane City abazodlala eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngeSonto ngo-3 ntambama. Emuva kwalo mdlalo zizoqhathwa.