UMGADLII weBafana Bafana, uLyle Foster, ushaye igoli lakhe lokuqala selokhu ebuye ekulimaleni ngesikhathi iqembu lakhe, iBurnley FC, liqumba phansi iReading ngo 3-1 emzuliswaneni wesithathu weFA Cup ngoMgqibelo.
UFoster (24) walimala edolweni ngo-Okthoba 11 nyakenye, edlalela iqembu lesizwe libhekene neCongo kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
Uphuthelwe yimidlalo engu-13 edlalwe yiqembu lakhe kwiChampionship ngaphambi kokubuyela enkundleni ngoDisemba 26, engena umdlalo usuzophele benqoba iSheffield United ngo 2-0.
Unikwe imizuzu embalwa kweminye imidlalo emithathu yeligi ngaphambi kokuthi afakwe eqenjini eliqale oweFA Cup neReading awudlale waze waphela.
Ushaye igoli ngomzuzu ka-71 kodwa kudlule imizuzu eyisithupha ngaphambi kokuthi iReading ibuye ngegoli likaLewis Wing. UZian Flemming ube eseshayela iClarets amagoli amabili kwi-extra time, yazibekisela indawo emzuliswaneni wesine.
“Kusho lukhulu. Ngiyamhalalisela uLyle. Uhlale isikhathi eside engadlali kodwa useqala ukubuyela ezingeni lakhe. Ngicabanga ukuthi udlale kahle kakhulu kulo mdlalo. Usebenze kanzima eqhamuka kwesokunxele futhi kuyangijabulisa ukuthi ushaye igoli,” kusho umqeqeshi weBurnley, uScott Parker.
“Senze izinguquko ezingu-11 eqenjini eliqale lo mdlalo. Iningi lalaba badlali belingadlali ngenxa yezizathu ezahlukene. Abanye bebelimele kanti abanye bebebanga ijezi nabanye abadlali. Sibanike ithuba lokuthi bazibonakalise futhi kuyangithokozisa abakwenzile.”
UFoster uphuthelwe imidlalo emibili yokugcina yokuhlungela i-Afcon iBafana Bafana eyidlale ne-Uganda neSouth Sudan ngoNovemba nyakenye. Ukubuya kwakhe kufanele kumjabulise umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos.
IBafana Bafana izobuyela enkundleni ngoMashi, isiyodlala imidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neBenin ngokulandelana.