OWAYENGUNOZINTI weKaizer Chiefs, uWayde Du Plessis, ubona leli qembu lilengela eweni uma lingayifakeli izibuko inkinga yonozinti.
IChiefs ibamba iyayeka konozinti kusukela ngesizini edlule ngenxa yokungamtholi ezothembela kuyena. Inkinga yamaphutha enziwa ngonozinti iyaqhubeka nakule sizini futhi isiwenzele phansi Amakhosi izikhawu ezimbalwa. Nakuba kunjalo kodwa abaqeqeshi bashintshanisa onozinti ababili kuphela okunguBrandon Petersen (29), no-Itumeleng Khune (36) okunezinkulumo zokuthi uzowaphanyeka emgibeni amagilavu ekupheleni kwesizini.
Abanye ababili abalizwa ngendaba ijezi nguBruce Bvuma (28), noBontle Molefe (20) obevimbela iqembu leDStv Diski Challenge.
UDu Plessis, owavimbela iChiefs kusukela ngo-1989 kuya ku-1993, ukholwa wukuthi iqembu lidinga ukusayinisa onozinti abasebancane abanekhono. Le nkakha isisebenza enkulisa iKZN Football Academy, eThekwini.
“Sinzima isimo iChiefs ekuso. UKhune uneminyaka engu-36 manje. Angisho ukuthi sekufanele aliyeke ibhola kodwa anginaso isiqiniseko ngokuqhubeka kwiChiefs ngenxa yezinga okufanele ahlale ekulona.
“Ungunozinti ophambili kunabo bonke abadlalele leli qembu. UBvuma noPetersen sebebheke eminyakeni engu-30 yobudala. Umbuzo wami uthi baphi onozinti abasebancane? Abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-25. UKhune noPetersen balahlekelwe yifomu. UBvuma akubonakali bemethemba njengoba bengamdlalisi. IChiefs idinga unozinti ophezulu osemncane. Bengamthatha ezinhlakeni noma bamlande kwelinye iqembu. Uma kuwukuthi uKhune uyaliyeka ibhola ekupheleni kwesizini, iChiefs izoba nenkulu inkinga epalini,” kuchaza uDu Plessis.
Eminyakeni edlule, iChiefs ibingabahluphekeli onozinti. Nakuba abanye kade izikhulisela bona kodwa bakhona ebathole kwamanye bese bancane, bafika bagila izimanga. Omunye wabo nguRowen Ferndandes owathengwa kwiBidvest Wits, owasayiniswa yiChiefs ngo-2001 eneminyaka engu-23 ‘ezofunda’ kuBrian Baloyi. Sekuwumlando ukuthi uFernandes, oshiyele uKhune ijezi, ungomunye wonozinti abaphezulu abavimbele Amakhosi. UKhune wanikwa ithuba esikimini esikhulu ngo-2007 eneminyaka engu-20.
IChiefs yaphoqeleka ukubuyisa uKhune osekubonakala ukuthi akasekho ezingeni aziwa ngalo ngenxa yokuntula unozinti engathembela kuyena. UPetersen ugcine ebekwa ngaphandle ngenxa yamaphutha asobala awenzile emidlalweni acekele phansi iqembu. UDu Plessis, owadlala nakwi-Orlando Pirates, nakuMaZulu, uthe uPetersen usengaba ngunozinti ophezulu.
“Ngebhadi uma ungunozinti iphutha lakho liphelela enethini isikhathi esiningi. Unozinti uyaba namaphutha kodwa abuye azigqugquzele, agcine engunozinti ophezulu. UPetersen kufanele abekezele, akuphelile ngaye,” kusho uDu Plessis.
Namuhla kulindeleke ukuthi kuvimbe uKhune uma Amakhosi esebhekene neMoroka Swallows, emdlalweni weDStv Premiership ngo-3.30 ntambama eDobsonville Stadium, eSoweto.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3.30pm: AmaZulu v Stellenbosch (Moses Mabhida Stadium); Richards Bay v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium).
Ngo-5.45pm: Cape Town Spurs v Royal AM (Cape Town Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: TS Galaxy v Polokwane City (Mbombela Stadium); Moroka Swallows v Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium).
Ngo-5.45pm: Golden Arrows v Cape Town City (Mpumalanga Stadium).