UMDLALI wasesiswini weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, akayigqizi qakala eyefomu yakamuva ye-Orlando Pirates abazodudulana nayo emdlalweni womkhaya weDStv Premiership.
Amakhosi azokwamukela eZimnyama eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-3.30 ntambama emdlalweni weDStv Premiership. Emdlalweni weligi womlenze wokuqala wesizini, iChiefs yehlule iPirates ngo-1-0 wegoli likaYusuf Maart eliphenduke undabizekwayo.
Nokho Amakhosi azobhekana nomakhelwane bawo baseSoweto, ebhinjelwa yizinto kwazise asawine kanye emidlalweni eyisihlanu yakamuva. Ngakolunye uhlangothi, iPirates iwine emine kweyisihlanu yeligi yakamuva.
UDolly uthe lokho akubenzi babe ngaphansi kwePirates. Ngempelasonto edlule, iChiefs ijikelwe esiswini yiLamontville Golden Arrows eyehlule ngo-3-2.
"Ngokwefomu yePirates emidlalweni embalwa edlule, kade yenza kahle. Inakho ukuzethemba. Kodwa angicabangi ukuthi lokho kuyasebenza. Nathi singasho ukuthi emidlalweni yomkhaya edlule siwinile. Lokho nathi kusinika ukuzethemba. Okubalulekile wukuthi osukwini, ngoMgqibelo, ubani ofuna ukuwina ngaphezu komunye. Sizosebenza ngendlela efanele. Ngicabanga ukuthi uma sidlala ngendlela ebesidlala ngayo emidlalweni edlule, sinalo ithuba (lokuwina)," kusho uDolly.
Ingcindezi yomdlalo womkhaya kungenzeka iphoqe umqeqeshi u-Arthur Zwane ukuthi avimbise ukaputeni u-Itumeleng Khune obehlala ebhentshini emidlalweni yakamuva. Endaweni kaKhune bekudlala uBrandon Petersen. UKhune uyena futhi othunywe yiChiefs ukuthi ayobhula umlilo wabalandeli ngokukhuluma nabezindaba maphakathi nesonto.
Lokhu kulandela isigameko sokuthi abalandeli befune ukumudla luhlaza uZwane ngemuva kokwehlulwa i-Arrows. Lo mqeqeshi, onikwe isikhundla efunwa yibona abalandeli, usindele amaphoyisa emuva kokwehlulwa kulo mdlalo. UZwane unengcindezi yokuwina ukuze ezothambisa izinhliziyo zabalandeli beChiefs.
"Ingcindezi kufanele ibe kithina sonke. Sonke siyingxenye yeqembu. Sonke siyadlala masonto wonke. Sonke siyazi ukuthi sibe nezinselelo eziningi kule sizini. Sizama ngakho konke esinakho ukubhekana nalezo zinselelo siqhamuke nesixazululo ukuze sithole imiphumela engcono. Ngicabanga ukuthi kube phansi phezulu kule sizini. Singabadlali nethimba labaqeqeshi siyazi ukuthi sizama ngakho konke ukubanikeza okungaphezulu abalandeli bethu," kugcizelela uDolly.