USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, uzingela umdlali ozovala isikhala sikaMduduzi Mdantsane ofudukele kwiKaizer Chiefs njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Lo mdlali, oyibamba kuthule umoya esiswini, usayine amasizini amathathu kuMaKhosi.
Wayefike kwiCity ngesizini ka-2019/20 ephuma kwiBaroka FC eyayimthathe kwiBaberwa FC.
KwiCity ungomunye wabadlali abebewumgogodla ebambisene noThabo Nodada, Khanyisa Mayo noSuprise Ralani osekwiMamelodi Sundowns ukusho abambalwa. UMdantsane kwiChiefs usadlale emithathu yeDStv Premiership nowodwa weMTN8 abashaye kuwo yona iCity.
Njengoba esehambile enkabeni yesisu seCity, kunoJaedin Rhodes, Luphumlo Sifumba, Luvuyo Slatsha, Relebogile Mokhuoane noTaahir Goedeman.
UComitis ukuvumile kwiSolezwe ukuthi kule midlalo abasayidlalile siyabonakala isikhala sikaMadantsane.
Uthe bahlela ukuthi ngaphambi kokuvalwa kwewindi basayinise umdlali onamava ozovala isikhala sakhe.
"Akwehlanga kahle ukuhamba kukaMduduzi, ubeyilungu lomndeni wethu. Simbonga kakhulu, umsebenzi wakhe uwenze ngokukhulu ukuzimisela. Ibhola liyibhizinisi, bekumele ukuthi sigcine simdedelile. Simfisela inhlanhla eqenjini lakhe elisha. Nokho isikhala sakhe siyabonakala. Sihlela ukuthi ngaphambi kokuvalwa kwewindi sisayinise umdlali onesipiliyoni ozovala isikhala sakhe," kubeka uComitis.
UMdantsane usanda kutshela abezindaba ukuthi usayine kwiChiefs ngoba efuna ukunqoba izindebe.
AmaCitizens, acijwa ngu-Eric Tinkler, ayiqale kagcono isizini entsha kuneyedlule lapho ebephikwa yimiphumela ekuqaleni.
Kulokhu avule isizini kwiDStv Premiership ngokushaya iPolokwane City neMoroka Swallows.
Lo mgqigqo wonakale ewashiswa ijezi iChiefs ngo-2-1 kuma-quarterfinal eMTN8.
Kolandelile ashaywe yiSuperSport United neSekhukhune United kweyeligi.
Njengamanje kwi-log yeDStv Premiership asendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu ayisithupha.
UComitis utshele Isolezwe ukuthi nakuba beshayiwe kule midlalo emibili yokugcina kodwa uchazekile ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe.
Nakuba ekhuluma kanje kodwa akakufihlanga ukuthi kuzomele banyuse amasokisi ngokushesha ngoba bazitshelile ukuthi bafuna ukuwuqeda kule sizini umqondo wokuqala isizini kabi bese bevuka ngasekupheleni.
Namuhla ngo-7.30 amaCitizens azovakashela i-Orlando Pirates e-Orlando Stadium.
EZimnyama ziya kulo mdlalo zihambela phezulu kwazise kwedlule zishaye iDjabal yaseComoros emlenzeni wokuqala nakowesibili weCaf Champions League.
Kwiligi iPirates inemidlalo emithathu, inqobe kanye, yahlulwa kowodwa, yadlala ngokulingana komunye.
UComitis uthe akakugqizi qakala ukuthi badlalela ekuhambeni, kumele banqobe noma ikanjani.
"Kumele siwathole noma kanjani amaphuzu amathathu ukuze kuzobuya ukuzethemba kubafana bethu," kushaya ngamafuphi uComitis.