UKHATHAZWA wukuba nomgadli oyedwa ovuthayo phambi kwamapali, uJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City.
Lesi sikhulu sitshele Isolezwe ukuthi sikholwa wukuthi ngendlela abadlala kahle ngayo ngabe bayimise kabi iMamelodi Sundowns ukube okungenani banabagadli ababili abangalibheki ipali.
"Sekuphele isikhathi eside ngizama umgadli oshisa bhe phambi kwamapali. Ngifuna ozofike afake umlilo, anikeze umfutho nalaba abakhona. Akukuhle ukuthi wuKhanyisa (Mayo) kuphela onamagoli amaningi kubagadli bethu. Ukujabula kwami ngendlela esidlala ngayo kusheshe kuphele uma ngicabanga ngalesi simo sabagadli. Ukube besibukhali phambili ngabe sisezithendeni zeSundowns," kubeka uComitis.
ICity isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-25. Yona namanye amaqembu angaphezulu kwi-log ahlukaniswa amaphuzu ayisishiyagalombili nayisikhombisa neMamelodi Sundowns eqhwakele kwi-log yeDStv Premiership.
UComitis uthe umgadli bamzingela ngisho ngaphandle kwakuleli. Unethemba lokuthi njengoba kuzovulwa iwindi likaJanuwari, bazogcina besitholile isikwibhisi somgadli.
Kubagadli beCitizens, uMayo uhamba phambili ngamagoli ayisikhombisa emidlalweni yeligi ewu-14 yeligi.
Uzakwabo uJo Paciencia wase-Angola noThabiso Kutumela obolekwe kwiSundowns, basashaye elilodwa.
UJuan Camilo Zapata waseColombia noLuke Daniels abakayiboni imbobo yepali selokhu kuqale le sizini.
Laba bagadli bahlulwa umdlali wasesiswini uJaedin Rhodes onamathathu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uComitis uke washo amashushu ngokufuna ukusayinisa uKhama Billiat ohlukane neChiefs ngesizini edlule. Kodwa izinto zigcine zingahlangananga, ekhala ngokuthi akasamtholi lo mgadli ocingweni kanjalo nalabo abaphethe izindaba zakhe.
Uthe nje akasafuni nokuyiphatha indaba yalo mgadli waseZimbabwe.
Nakuba izinto ziqale zayibhimbela iCity kodwa kamuva ziyihambela kahle.
Kwewu-14 isanqobe eyisishiyagalombili, yadliwa kwemihlanu yadlala ngokulingana kowodwa.
Awu-16 amagoli esiwashayile, yangenelwa awu-11.
Kwegcine ukuwudlala, iCity ihlulwe yiStellenbosch. Ngaphambi kwalo mdlalo bese kuphele imidlalo emine kulandelana iCity inqoba.
NgeSonto, ezikaComitis zizobheka neSundowns esayinqobe yonke, ewu-11 yeligi.
Lo mdlalo ungo-3.30 ntambama, eCape Town Stadium.
ISundowns izihola phambili ngamaphuzu awu-33.
Seyishaye amagoli awu-23, yangenelwa amathathu kuphela.
NgeSonto kuzoba owokugcina kwiCity womlenze womzuliswano wokuqala weligi.
UComitis uthe nakuba kuzoba umdlalo onzima kodwa banalo ithuba lokuphula irekhodi lamaBrazilians lokungehlulwa selokhu kuqale imidlalo yeligi kule sizini.
Emlenzeni wokuqala ngesizini edlule, iSundowns yanqoba ngo 2-0, kowesibili kwaba iqanda nhlangothi zombili.
"Nakuba ngikhala ngokungabi bukhali phambi kwamapali kodwa sidlala kahle. KoweStellies sizibulele thina. Sihlale sinalo iqhinga lokuma endleleni yeSundowns. Kungaba into enhle ukusonga isigaba sokuqala seligi sishaye iqembu elifana neSundowns,“ kusho uComitis.