UMQEQESHI waMaZulu, uPablo Martin waseMadrid, eSpain ukholwa wukuthi uzokwazi ukuzakhela igama ebholeni lakuleli njengoba kwenze umkhaya wakhe, uJose Riveiro ocija i-Orlando Pirates.
NgoMgqibelo, uSuthu luzobhekana nePirates kowama-quarterfinal, eNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.
EzikaCijimpi, okuyigama lobunsizwa elethiwa uMartin ngesikhathi efika kuleli ekuqaleni kwesizini, zizongena enkundleni zinokuzethemba kulandela ukunqoba okokuqala ngemuva kwemidlalo eyisithupha yeligi zihluleka wukukhonya.
USuthu luguqise iCape Town City ngo 1-0 koweDStv Premiership obuseKapa ngeSonto.
Yize izinto bezingahlangani kweyeligi kodwa uSuthu lukwazile ukunqoba iRoyal AM koweLast 32, lwalandelisa ngeSekhukhune United kwi-Last 16.
UMartin usekuveze kaningi ukuphatheka kabi ngokucanasa kweZimnyama phezulu kweqembu lakhe. Ukusho angakufihli ukuthi lokhu uzokuqeda ngoMgqibelo
Khona eMabhida Stadium ngesizini edlule, iPirates iphuce AmaZulu ithuba lokuqeda ishobolo le minyaka lokuhlulwa yizicoco iwashaya kowamanqamu eMTN8. Ngaphansi kwakhe uRiveiro odabuka eVigo, iPirates ilandele ngokunqoba yona iNedbank Cup.
Nakule sizini lo mqeqeshi usephinde wayivikela iMTN8.
UMartin umchome uphaphe le gwalagwala umkhaya wakhe ngasekwenzile ebholeni lakuleli kanti naye uhlela ukwenza okufanayo.
Exoxa nezintatheli uveze ukuthi uze kuleli engamazi uRiveiro.
Ehleka, ukuphikile ukuthi ngoMgqibelo bazobe bebanga ukuthi ubani inkunzi yaseSpain kuleli.
Uthe kuyajabulisa ukuthi bengabakuleliya lizwe banesandla kwintuthuko yebhola lakuleli.
"Kuyintokozo ukuthi amaqembu ethu sobabili azodlala ama-quarterfinal omqhudelwano ohlonishwayo kuleli. Izibalo ziwubufakazi ngomsebenzi omuhle esiwenza ebholeni lakuleli," kubeka uMartin.
Uqhube wathi selokhu uRiveiro efikile kuleli usenze umsebenzi oncomekayo kwiPirates. Usenqobe izinkomishi wenyusa nezinga lokudlala eqenjini lakhe.
Uthe ukhuluma akwaziyo, emlenzeni wokuqala badlalile nePirates kanti kuleli bawubuso bamaqembu abo.
“Nakuba kunjalo kunabantu abangemuva abasisizayo ukuze la maqembu ezonyukela kwelinye izinga. Nami njengoba ngilapha ngizimisele ukuqopha umlando njengoRiveiro.
“Konke lokhu kumele kuqale ngoMgqibelo. Ngiyazi kuzoba nzima. Kuzomele sinyuse amasokisi kakhulu kunakuqala,“ kuqhuba uRiveiro,
Emlenzeni wokuqala weligi lamaqembu abambane ngeqanda.
Mayelana nomdlalo weCity, uMartin ubonge abadlali bakhe ngokubuya namaphuzu amathathu ekuhambeni.
"Kithina lokhu kunqoba kusho lukhulu. Besidlala neqembu elinzima kwiPSL. Sinqobe phezu kokuba besidlala ngaphansi kwesimo sezulu ebesisibi. Sisiphoqe ukuthi sishintshe indlela ebesihlele ukudlala ngayo,“ esho
Uthe banalo ithuba lokuqeda isizini bebalwa namaqembu aku-Top 8.
Ezakhe zisendaweni ka-12 ngamaphuzu awu-28. Okwamanje zisele ngamabili eqenjini elivale endaweni yesishiyagalombili okuyiKaizer Chiefs enawu-30.