UNESIFISO zokusikhiphela kwiMoroka Swallows isibhongo sokunenebulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-0 koweDStv Premiership umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin.
UCijimpi okuyisiteketiso sikaMartin, uye emdlalweni weSundowns egcwele ukuzethemba futhi kusobala ukuthi ubona iqembu lakhe lingabuya nawo amaphuzu agcwele kompetha beligi.
Amagoli amathathu kaLucas Ribeiro, awashaye esiwombeni sesibili salo mdlalo obuseLoftus Versfeld ePitoli, ashintshise uCijimpi iculo njengoba esebheke ukukhiphela isibhongo kwiSwallows.
AmaZulu azokwamukela iSwallows ehaqwe yizinkinga zangaphandle kwenkundla emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili, ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Ngiyavuma ukuthi sihlulwe elinye lamaqembu angcono e-Afrika yonke yize kungelula ukwamukela isibalo samagoli abasishaye ngawo ngoba ngikholelwa ekutheni bekufanele sithole okuthile nathi,” kusho uMartin.
Yize lo mqeqeshi waseSpain ekhuluma ngale ndlela, kube u-Augustine Kwem no-Augusine Mulenga, kuphela abadlali baMaZulu, abathole amathuba asobala umdlalo wonke uma uqhathanisa nendathane etholwe abeSundowns ngokwahlukana.
“Ngiyayamukela induku yeSundowns. Iqiniso ukuthi kukhona ebesikubhekile kulo mdlalo ngoba sibuswa indlela esidlale ngayo nyakenye, neSundowns ekhaya lapho kusale khona kancane ukuthi sithole umphumela oncomekayo.
“Okuzosisiza ukuthi sisheshe siwudlulise lo mdlalo bese sibheka olandelayo okuyiwona futhi ebesiwubhekile nabadlali bami ukuthi asinawo uphawini wokungawuwini.
“Iqembu lethu liqale ngebatha kulo nyaka kodwa angingabazi ukuthi sizobuyela ngokushesha emgqigqweni esivale ngawo ngoDisemba, nyakenye.
“Konke kumele kuqale ngalo mdlalo weSwallows ngoba uma singawunqobi, kuzokwanda isikhathi esizosilinda ngaphambi kokuthi sibuyele ekuqoqeni amaphuzu njengoba besenza ngaphambi kwekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) ebikwelase-Ivory Coast, muva nje.”
AmaZulu asanqobe imidlalo emihlanu kwengu-18 yeligi. Adlale eyisikhombisa nokulingana, ahlulwe kweyisithupha.