UPHUMELE obala ngokungagculiseki kwakhe ngesinqumo sokuthi kudlalwe imidlalo emibili enkundleni eyodwa ngosuku olulodwa umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo “Cijimpi” Franco Martin.
Usuthu luzodudulana nomkhaya baKwaZulu-Natal (KZN), iLamontville Golden Arrows kuma-quarter-final eCarling Blacl Label Knockout eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wesibili walo mqhudelwano ozodlalelwa kule nkundla ngoMgqibelo, ozoqala ngo-7 ebusuku.
Inkundla izovulwa ngelinye iqembu laseKZN, iRichards Bay, ezotholana phezulu ne-Orlando Pirates ngo-3 ntambama.
Yize abalandeli bebhola bekhombise ukulithakasela ithuba lokubuka imidlalo emibili kodwa lo mqeqeshi ubona lokhu kuzoyiphazamisa indlela abasebenza ngayo uma belungiselela imidlalo.
“Angiyithandi le nto. Bengizama ukwenza impendulo yami ibe mfushane ngoba angifuni ukusho into engase ithathwe kabi. Kuyacaca ukuthi isimo asisivuni ngoba ngeke sikwazi ukusebenzisa inkundla yethu ngendlela ejwayelekile. Asikazi ukuthi sizolithola yini ithuba lokuzilolongela enkundleni yethu ngoLwesihlanu nokuyinto embi njengoba inkundla esizilolongela kuyona ingekho esimeni esihle njengamanje,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngokujwayelekile imihlangano yethu siyibambela enkundleni, sibe nesidlo sasemini khona, ngakho-ke sekuzodingeka siguqule izinhlelo zethu. Asazi ukuthi kuzokwenzekani ngegumbi lethu lokushintshela. Uhlobo lomdlalo esifuna ukuwudlala uzokwenzeka uma inkundla isesimweni esihle. Uma kungenjalo kungenza izinto zibe lula kwi-Arrows ngoba ijwayele ukudlala ezinkundleni ezinjalo.
“Sizolwa ngaphansi kwanoma yiziphi izimo, kangikungabazi lokho ngoba vele sesibhekane nobunzima obuningi, ikakhulukazi emidlalweni nePirates neChippa lapho silinyalelwe ngabadlali.
“Sihlale silwa futhi sizoqhubeka yize kuzoba nzima kakhulu. Asazi nesimo sezulu sizohamba kanjani kodwa sizozama ukudlulela kowandulela owamanqamu.”
AmaZulu afinyelele kuma-quarter-final eCarling Knockout ngokuthela phansi iKaizer Chiefs ngo 1-0 kwiLast 16, kwathi Abafana Bes’thende badlula kwiCape Town City ngo 3-1.
I-Arrows isenza kangcono emidlalweni yeligi kule sizini njengoba isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-20 emidlalweni eyisishiyagalolunye, kanti Usuthu lukweyesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-10.
“I-Arrows yenza kahle kodwa nathi sidlala kahle futhi kuyasithokozisa ukudlala kuma-quarter-final. Kuyithuba lokuthi siye emzuliswaneni olandelayo nethuba lokuwinela iqembu indebe okokuqala esikhathini eside kakhulu futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu,” kusho uMartin.
“Sishoda ngabadlali abathile abalimele kodwa abadlali bonke bayazi ukuthi kunzima ukunqoba izindebe. Bayazi ukuthi sekunesikhathi eside singayishayi i-Arrows nokuthi usho ukuthini umdlalo womkhaya, hhayi kubona kuphela kodwa eqenjini nakubalandeli.”
Abadlali abane baMaZulu, uTaariq Fielies, Veluyeke Zulu, Ramahlwe Mphahlele noCelimpilo Ngema, abazange bazilolonge neqembu izolo ngenxa yokulimala kodwa uCijimpi usenethemba lokuthi abanye babo bangase balulame kusenesikhathi sokuthi bathole ithuba lokudlala ngoMgqibelo.