KUBADLALI abayishumi abasayiniswe yiKaizer Chiefs kule sizini, u-Ephraim “Jomo” Sono, oteketiswa ngeleNkosi yeBhola eMzansi usephume iqhubu nomdlali wasesiswini kwiChiefs, u-Edson Castillo, encoma ikhono lalo mdlali ofike kwazwakala kuleli qembu.
UCastillo (29), odabuka eVenezuela uphakathi kwabadlali abayishumi abasayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini ka-2023/24.
Emidlalweni engu-11 asayidlalile, kuyo yonke imiqhudelwano, uCastillo usashaye amagoli amane, okubalwa nelinye lamagoli alishaye ngoLwesithathu iChiefs iguqisa iSekhukhune United ngo 2-1 koweDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
USono osembukele eduze uCastillo selokhu edlale umdlalo wakhe wokuqala edlubhe ijezi leziMpofana, akawuvali umlomo ngalo mdlali. Uthi leli qembu lithole inkalimeva yomdlali osazokwenza ezibukwayo ekulisizeni liqede endaweni engcono kwiDStv Premiership kule sizini.
“Sengiyibukile iChiefs idlala emidlalweni emibili futhi ngiyakholwa wukuthi kukhona eza nakho, isazoyiphonsa kuzwakale inselelo kwiSundowns (Mamelodi) ngoba isayinise abadlali abahle kakhulu.
Ngiyibukile idlala neSundowns neSekhukhune. Idlale kahle kakhulu,” kusho uSono ekhuluma nabezindaba kwethulwa abaxhasi abasha beJomo Cosmos, iJobe Foundation, ngoLwesine.
“Inkinga ngeChiefs kula masizini adlule wukuthi ibisayinisa abadlali ijike ingazi ukuthi kumele idlalise bani, kuyiphi indawo. Kodwa manje inomdlali wasesiswini odlala enkabeni yenkundla, uCastillo, okwelinye izinga.
Khona manje futhi sebenoMthethwa naye ongumdlali wasesiswini omuhle, ngakho angingabazi ukuthi bazoba nzima esiswini,” kuqhuba uSono.
“Uyamaka (uCastillo). Uma iqembu lingaphansi kwengcindezi, uyangena futhi nasebhokisini uma sekudingeka. Uyangena aphume ebhokisini, agijime angene ezikhaleni ngesikhathi esifanele. Ungumdlali wasesiswini osezingeni eliphezulu.
Uma esehlangene noMthethwa, ngibona bezokwenza into yamehlo. Ngikholwa wukuthi iChiefs iza kahle, wukuthi nje abalandeli bayashesha ukudinwa, abanaso isineke.”
USono ukhuluma kanjena ngoCastillo, uyaziwa kakhulu ngokuba neso elibukhali ekuboneni abadlali abanekhono eMzansi nasemazweni ase-Afrika.
Njengamanje usavukuza elinye ithalente emazingeni ephansi njengoba iqembu lakhe, iJomo Cosmos elidlala kwiSafa ABC Motsepe League, lisazabalazela ukubuyela kwiNational First Division (Motsepe Foundation Championship).