SEKUSEDUZE isethenjwa nokaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane, akhuze ibuya enkundleni ngemuva kwesikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi waleli qembu, uMiguel Cardoso, eveza ukuthi lesi siphekepheke somdlali sesiqalile ukuziqeqesha naleli qembu laseChloorkop.
Nakuba uCardoso engaqageli isikhathi esiqondile okuyisona lo mdlali angase abuyele ngaso ensimini kodwa udalule ukuthi angase abonakale ingakapheli le sizini ka-2024/2024 futhi ungakadlalwa umqhudelwano weFifa Clup World Cup ozobanjelwa e-USA, ngoJuni.
UZwane (35) walimala ngo-Okthoba nyanyeke, edlalela iqembu lesizwe, iBafana Bafana, libhekene neCongo Brazzaville emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) eCongo.
“Nginesiqiniseko sokuthi uThemba uzolulama ingakafiki iClub World Cup futhi angase adlale ingakapheli le sizini. Silindele ukuthi alulame noMothobi (Mvala), uDivine (Lunga) noMudau (Khuliso) ngezindlela ezahlukene kodwa yena silindele ukuthi abuye ngokushesha kunokulindelekile. Kunomehluko ukululama emzimbeni kodwa kungokunye ukululama bese uyadlala. Kungokunye futhi ukukwazi ukuziqeqesha kuze kuba uyakwazi ukudlala. Kungesinye isinyathelo, kumele sikuqonde lokho,” uCardoso.
“Isimo sakhe asifani nesikaMudau osahlale inyanga elimele noma uDivine osehlale amasonto amathathu. UThemba sekuphele izinyanga elimele, ngakho ukululama kwakhe ngeke kufane nokwabanye. Kodwa usebenza kahle kakhulu, okuyilokho engikufunayo kuyena nabanye abadlali. Asethembe uzodlala ngokushesha.”
UZwane osedlale isikhathi eside kuleli qembu lasePitoli asenqobe nalo inqwaba yezicoco, ukululama kwakhe akungatshazwa ukuthi kuyizindaba ezimnandi kubalandeli baleli qembu elisazodlala imidlalo emqoka yama-quarterfinal eCaf Champions League. Lisazodlala nakwiClub World Cup okuzobe kungokokuqala liyidlala. Lo mqhudelwano ubophele izingqungqulu zamaqembu ahlonishwayo emhlabeni okubalwa kuwona iReal Madrid, Inter Milan neBorussia Dortmund.
Akubona kuphela abalandeli bamaSandawana abajabulayo ngokululama kukaZwane njengoba nomqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, kungangatshazwa ukuthi uyazijabulela izindaba zokululama kwale nsephe.
IBafana ezoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelwa eMorocco, ngoDisemba kuya kuJanuwari, isazoba nemidlalo emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku, iSundowns izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.