KUQHILIKE izihlathi kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, evika izigagayi ebholeni lase-Afrika, iSenegal neMorroco, ekuqhathweni kwamaqoqo e-2024 Caf Africa Cup of Nations (Afcon) obekuse-Abidjan, e-Ivory Coast.
Kulo mqhudelwano, ozodlalwa e-Ivory Coast kusuka ngoJanuwari 12 kuya kuFebhuwari 13, iBafana iqhathwe kwiGroup E neMali, Tunisia nosokhaya, iNamibia.
“Ukukhuluma iqiniso, ngeke ngithi angijabule, uma ubuka uhla lwamaqembu (esinawo). KwiMali, akubuzwa (sibhekene) neqembu elikhulu nakwiTunisia ngokunjalo,” kusho uBroos.
“Nokho-ke ngincamela iTunisia kuneSenegal noma i-Ivory Coast. NeNamibia, nabo bahle. Ngikholwa wukuthi uma singaba sezingeni lethu eligculisayo, singadlula esigabeni samaqoqo.”
Nge-Afcon, uBroos uzodlala umqhudelwano wakhe wokuqala neBafana emuva kokushweba i-2020 World Cup.
Iyinkindlane imidlalo yokulungiselela lo mqhudelwano kwazise phezu kweyokungcweka elokhu ithushuka, kusekhona neyokuhlungela i-2026 World Cup ngoNovemba.
Nokho uBroos unesikhalo ngezithiyo ezenza engabatholi bonke abadlali abafisayo ngenxa yezizathu eziningi okubalwa kuzo nokulimala.
“Njengamanje amalungiselelo ethu akufihliwe ukuthi aphazanyiswe wukulimala kodwa sisenazo izinyanga ezintathu ngakho-ke angikabi nalo uvalo,” kusho uBroos.
“Siyathemba bazobuya bonke labo badlali abebelimele ezinyangeni ezimbili ezedlule bese silungiselela i-Afcon kodwa okokuqala kuseyimidlalo yokuhlunga (eyohlungela i-2026 World Cup) bese-ke kuba yi-Afcon. Masihlalele ethembeni ukuthi ukulimala sekuzosixolela.”
Yize iqoqo le-Afcon lingamphefumulisi kabi kodwa ubona kungezuba lula e-Ivory Coast.
“Yize siwavikile amaqembu anzima njengeMorroco, Senegal nosokhaya, i-Ivory Coast, kodwa siseqoqweni okuzoba nzima ukudlula kulo ingcaca ukuya esigabeni esilandelayo,” kusho uBroos.
Ukuyodlala ne-Ivory Coast ngoLwesibili:
“Kithi ngumdlalo omuhle kakhulu ngoba sizobhekana nelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika njengamanje. Baphinde babe ngosokhaya, i-Afcon inento yokuthi uma ningosokhaya nihambe ibanga elide emqhudelwaneni. Kuzoba yithuba elihle kakhulu kithi ukuzwa amanzi ngobhoko (ngabangakulindela kwi-Afcon).”