UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uphikile ukuthi wumyalezo wakhe odale ukuthi abadlali belesizwe badlale sengathi bebetsheliwe ukuthi asikho isidingo sokuqinisa kakhulu ngoba ithuba basenalo.
IBafana ishayane yaze yabukana ngo 1-1 neCongo-Brazzaville emdlalweni ka-Group K wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo eMorocco.
Umdlalo ubungoLwesibili eStade Alphonse Massemba-Debat, eBrazzaville.
Ukucazelana ngamaphuzu kweBafana neCongo kusho ukuthi leli qembu lesizwe lisenalo ithuba ngoba lisasalelwe yimidlalo emibili yeqoqo.
Owodwa owe-Uganda esivele izibekisele indawo kanti kukhona noweSouth Sudan osekhaya. IBafana idinga amaphuzu amathathu kule midlalo emibili ukuzibekisela indawo eMorocco.
Ngemuva kokucazelana ngamaphuzu kweBafana, neCongo uBroos uphikile ukuthi indlela iqembu lakhe elidlale ngayo yingoba bese livele liwazi umphumela we-Uganda, neSouth Sudan.
“Akulona iqiniso lokho ngoba angiyena umqeqeshi onjalo futhi neqembu lami angikholwa ukuthi ngingalitshela ukuthi alizithambise nalo bese lenza kanjalo ngempela,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
“Iqiniso ukuthi iCongo idlale kahle enkundleni yayo yasincisha namathuba ebisipha wona kulandela kowethu wasekhaya ngeledlule. Sikuzame konke ebesingakuzama ukuqoqa amaphuzu agcwele kodwa akulona iqiniso ukuthi besizithambisa ngoba siqonda ukuthi sisenawo amathuba okuzibekisela indawo eMorocco.
“Besibhekene neqembu obekusobala ukuthi lizimisele ukugeza igama lalo phambi kwabalandeli balo.
“Besibulindele ubunzima kulo mdlalo futhi sibuhlelele kwasho khona ukuthi nomfutho wokuthi iCongo idlalela ekhaya unowawo umthelela kithina,” kusho lo mqeqeshi.
UBroos ukhombe ukulimala, kukaThemba “Mshishi” Zwane njengesiphazamiso sezinhlelo zaleli qembu lesizwe.
“Ungawuhamba wonke umhlaba ngeke ulithole iqembu elilinyalelwa umdlali omqoka njengoZwane liqhubeke sengathi akwenzekanga lutho.
“Ukuphuma kwakhe kushintshe izinto eziningi ebesizihlelile. Asikho nokho isidingo sokukhala kakhulu ngalo mphumela ngoba uphawini wokulungisa usekhona,” kusho uBroos.
Ebuzwa ngokulimala kukaZwane, uBroos uthe: “Ulimele kanzima. Ngicabanga ukuthi kusazothatha izinyanga ukuthi alulame ngokugcwele.”
UZwane uphinde wahlolisiswa izolo ngaphambi kokuba iBafana ingene endizeni ebuyayo ngokusho kukadokotela weqembu lesizwe, uTshepo Molobi.
Ngokusho kweSafa, odokotela beBafana sebexhumene nabeMamelodi Sundowns, ukubabeka esithombeni ngokwenzeke kulo mdlali.