IZEXWAYISO ezithunyelwe yiPyramids FC yase-Egypt kwi-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weCaf Champions League ziyitholile indawo uma kuzoya ngokwenkulumo kaJose Riveiro.
IPirates iyeke ingqayizivele yethuba lokuzisondeza nesicoco seChampions League okokuqala eminyakeni engaphezulu kwengu-30 ngokubambana ngo 0-0 nePyramids kowomlenze wokuqala ngempelasonto edlule eFNB Stadium, eSoweto.
Yize lilikhulu ithemba lokuthi iPirates ingawuqedela eCairo umsebenzi kodwa indlela iPyramids ekhombise ubungozi ngayo eSoweto kufanele ukuba yenza athuke izanya uRiveiro.
Amahlandla aze aba mabili iPirates ilanyulelwa i-video assistant referee (VAR) kukubi zifika ngamandla kuSipho Chaine ezase-Egypt.
fnbNgesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo uzwakalise injabulo ngezinqumo ze-VAR kodwa wavuma nokuthi kufanele bazinuke amakhwapha ngendlela abenze ngayo kulo mdlalo.
“Amagoli aphikwe yi-VAR abefanele ukungabalwa kodwa kufanele asixwayise ngobungozi esizoqhubeka nokuba kubona uma singayilungisi inkinga esinayo kumakhona nakuma-freekick,” kusho uRiveiro.
“Kuningi okufanele ngabe sikufundile ngomdlalo womlenze wokuqala ngoba kusobala ukuthi yini eyokwenzeka ekuhambeni. Konke kusezandleni zethu ukubuya nomphumela oncomekayo ngoba asikungabazi ukuthi amava alokho sinawo.
“Siyazi ukuthi yini esibeke kuleli zinga esikulona ngakho-ke akufanele sitatazeliswe umphumela womlenze wokuqala.
“Kumqoka ukufunda emaphutheni esiwenzile ukuze kowomlenze wesibili singawaphindi. Alisekho ithuba lokucasha njengoba sekuphoqa ukuthi kufanele kubekhona odlulela emdlalweni wamanqamu.
“Angikungabazi ukuthi kungaba yiPirates eya kowamanqamu kodwa konke kulele ekutheni yini esiyifundile kukona konke okwenzeke emdlalweni womlenze wokuqala,” kusho uRiveiro.
Lo mqeqeshi oshiyayo kwiPirates ekupheleni kwesizini uphupha ngokuvalelisa ngeChampions League, iligi neseNedbank Cup abazosibanga neKaizer Chiefs ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
KwiCaf Confederation Cup iStellenbosch FC ekhale ngaphansi ngo 1-0 kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu kwiSimba FC yaseTanzania inethuba lokukhokha isikweletu ngeSonto ngo-3 ntambama kuyona le nkundla yaseThekwini.