Bafana Bafana (2) 3
South Sudan (0) 0
IBAFANA Bafana izofika kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yaseMorocco ngonyaka ozayo ibalwa namazwe anesithunzi kulandela ukusonga kwayo u-Group K ngaphandle kwenduku njengoba iwine kwiSouth Sudan ngoLwesibili ebusuku e-DHL Stadium, eKapa.
Lo mphumela usho ukuthi elakuleli liqede leli qoqo esicongweni ngamaphuzu awu-14.
Ukunqoba ngembudlu kweBafana kusho ukuthi izinkulungwane zabalandeli baseKapa abebephume ngobuningi abazange bayikhalele imali nesikhathi sabo.
Kuyiwe ekhefini iBafana ihamba phambili ngamagoli, ka-Iqraam Rayners noPatrick Maswanganyi, yize bekufanele sibe ngaphezulu kwalokhu isibalo samagoli.
Elesithathu obekungelokugcina losuku litholwe uTebogo Mokoena okube yiphenathi.
Ngaphambi komdlalo umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uthe abadlali bakhe bakuqonda kahle ukuthi abakwazi ukuphoxa abalandeli.
“Bazongena enkundleni bazi ukuthi abanawo uphawini wokuphoxa izinkumbi zabantu baseKapa osekuphele iminyaka ecela kwengu-10 beyizwa ngendaba iBafana,” kusho uBroos kwiSABC.
“Leli ithuba lokubona ukuthi uMaswanganyi angasisiza yini enkingeni esinayo njengoba kulimele injini yethu (uThemba) Zwane.
“Isikimu siqinile ngoba asifuni ukuphoxa abantu baseKapa kodwa kuMothobi (Mvala), siphoqelekile ukumbeka ngaphandle kwazise unenkinga engalweni,” kusho uBroos.
ISouth Sudan ifike kuleli nabadlali abangu-14 ngoba amathikithi endiza abemba eqolo ngokusho komqeqeshi wayo, uNicolas Dupuis.
“Ziningi izinkinga lapho sisuka khona okufakazelwa ukuthi size nabadlali abambalwa nanokuthi asilitholanga ithuba lokuziqeqesha ngoba sifike sekudlule isikhathi,” kubalisa yena kwithelevishini.
Njengoba bekulindelekile iBafana iqale njengomlilo wequbula yazithola isihamba phambili ngamagoli kaRayners noMaswanganyi ngomzuzu wesikhombisa noka-22 ngokwahlukana.
Ngendlela iBafana ebiwuphethe ngayo umdlalo bekufanele kuyiwe khefini isihamba phambili ngembudlu.
Zibuye esiwombeni sesibili ngephenathi yeBafana ayibeke enethini uMokoena ngomzuzu ka-50.
Lokhu kuzihlehlise nakakhulu izivakashi obekuvulela iBafana ukuba izichanasele obekuchwazisa inkundla sebelihlikihla yize bebeyeka amathuba.
Kuvuleke nethuba kunozinti uSage Stephens lokubonakala okokuqala kwiBafana eneminyaka engu-33 ubudala okubajabulise kakhulu abantu baseKapa lapho edlalela khona iStellenbosch FC.
Ngemuva komdlalo uBroos uthe: “Bekumqoka ukuzibekisela indawo kwi-Afcon kodwa bekubaluleke kakhulu ukuthi sinike abantu baseKapa lokhu esibanike khona.
“Ngithande yonke into eyenzekile kusukela enkundleni kuya ngaphandle kwayo. Lo nyaka muhle kithina ngezindlela eziningi ngakho-ke kumnandi ukuwusonga ngale ndlela. Sekusele ukuthi sizifake kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos.