Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ufuna badlalele ukuyehlula i-Uganda nakuba bezongena enkundleni sebekuzuzile abebekulwela emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
IBafana izogadulisana ne-Uganda eNelson Mandela National Stadium, eKampala, namuhla (ngoLwesihlanu) ngo-3 ntambama. Womabili la maqembu asezibekisele indawo kwi-Afcon ezoba seMorroco phezu kokuba esasalelwe yimidlalo emibili ngalinye esigabeni samaqoqo. I-Uganda ihlezi eqhulwini kuGroup K ngamaphuzu ayishumi emuva kwemidlalo emine. IBafana isendaweni yesibili ngayisishigalombili. Ukuwina kweSouth Sudan kwiCongo Brazzaville ngoLwesine, kuweze iBafana kwazise womabili la mazwe ngeke esayifica ngamaphuzu.
UBroos uthe basenaso isizathu sokudlalela ukuyehlula i-Uganda.
“Sijabule kakhulu ngokuthi indaba yokudlalela ukuzibekisela indawo isiphelile. Kube wunyaka omuhle ebholeni laseNingizimu Afrika. Emuva kokuthola indondo yethusi ekuqaleni konyaka, manje sesizibekisele indawo kwi-Afcon yangonyaka ozayo. Ngakolunye uhlangothi, lokhu akushintshi lutho ngomdlalo esizowudlala. Mhlawumbe okuhlukile wukuthi ayisekho ingcindezi yokuwina ebesizoba nayo ukuba bekusadingeka siwine,”kusho uBroos.
“Kodwa ngakolunye uhlangothi sizithembisile ukuthi sifuna ukuwuwina umdlalo. Sifuna ukuqeda phezulu eqoqweni lethu. Lokho kusho ukuthi kufanele siyishaye i-Uganda. Akukho okushintshile kulokho. Ngiyazi ukuthi kuzoba wumdlalo omnandi, inkundla izogcwala. Asithembe ukuthi kuzowina iqembu elenze kahle.”
UBroos uqhube wathi umangele ngokuthi iCongo ishaywe yiSouth Sudan kwazise ibiyimayini yamaphuzu kuGroup K.
“Kukhombisa ukuthi kunzima kangakanani e-Afrika ukuwina imidlalo yasekuhambeni. Amaqembu amabili awine imidlalo emibili ekuhambeni, azibekisele indawo kwi-Afcon. I-Uganda iwine imidlalo emibili ekuhambeni, nathi siwine emibili ekuhambeni. Yilowo umehluko omkhulu emidlalweni yokuhlunga. Uma ungaphumelela ukwenza lokho, unethuba lokuzibekisela indawo. Kodwa njengoba ubona, kuyona yonke imidlalo kunezimanga ngoba kunzima. Kunzima ukuwina umdlalo ekuhambeni e-Afrika. Ngakho sijabule kakhulu. Ngijabule kakhulu ngesikhathi ngizwa izindaba zokuthi iCongo yehluliwe,”kusho uBroos.
UBroos waseBelgium, uzobhekana nomkhaya wakhe, uPaul Put, osefana neqhawe kubantu base-Uganda. Akubuzwa ukuthi uzofuna ukuwina kulokhu uBroos kwazise i-Uganda yabamba iBafana ngo 2-2 eMzansi ngoSepthemba.