USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso " Jomo" Biyela, udalule ukuthi kungamthwesa umthwalo oyisimanga uma iqembu lakhe lingasonga iligi lisemaqenjini agunyazwe ukudlala emiqhudelwaneni yeCaf.
Leli gugu leqembu eMhlathuze, nasesifundeni iKing Cetshwayo jikelele, lifike kwezwakala kwiDStv Premiership njengoba kumanje lisemaqenjini aphezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Nakuba ukhalo luselude kodwa ibukeka ikhanya indlela yamaRich Boyz ebheke emiqhudelwaneni yeCaf. Ngesikhathi iqembu linyukela esigabeni esiphezulu, uBiyela waveza ukuthi akabheke lutho kule sizini, usafuna ukuzinza kuqala.
Waveza ukuthi uzolwela ukuthola amaphuzu awu-30 ngoba umlando ukhomba ukuthi kalikho iqembu elake ladliwa izembe linalesi sibalo samaphuzu. EzikaBiyela zihlanganise isibalo emidlalweni ewu-17.
Engxoxweni phakathi kwephephandaba noBiyela obezwakala ekhululekile, ubonge wancocoza ethimbeni leqembu lakhe ngokuzikhandla kwalo.
"Ngiyazi ukuthi luselude ukhalo kodwa kungabe ngenza iphutha uma ngingalibongi ithimba engisebenzisana nalo. Ngaphandle kwalo ngabe kasiwatholanga lamaphuzu. Nokho umsebenzi usemkhulu, ziningi izinto esisafuna ukuzizuza," kubeka uBiyela.
Uqhube wathi:"Angiyena umuntu otatazelayo, kodwa kukhona emqondweni ukuthi uma abadlali bami bengase baqhubeke ngalo mgqigqo singabanjwa kude. Kodwa-ke ibhola umdlalo ongeke uwazi, kwenzeka noma yini. Ukudlala emidlalweni yeCaf kungaba umsebenzi onzima ngezindlela eziningi.
“Angifuni ukuzifanisa namaqembu amakhulu anjengeKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Kodwa uma imiphumela ikhomba ukuthi kumele siye e-Afrika, ngeke siliyeke lelo thuba".
Usihlalo weBay udalule ukuthi iqembu labo liqinile, kuleli kule windi ngeke besasayinisa mdlali.
"Ngabe ngiyaganga, uyilungisa kanjani into enganokalanga? Okwethu njengamanje ukuthi senze isiqiniseko sivuka sizithathe uma kwenzekile sashona phansi. Nabadlali, abaqeqeshi bami bayazi, akukho ingcindezi engiyibeke kubona. Asijahile kodwa sizolwa. Abadlali nabaqeqeshi bethu sizobaseka," kuqhuba uBiyela
UBiyela ubona umsebenzi onzima ngokudlala kweyeCaf, baningi abaphathi bamaqembu abakhala ngokuthi kuyizindleko ukudlala kule miqhudelwano njengoba kudingeka ube nabadlali abaningi.
Ngakho ukuba nabadlali abaningi kukhomba ukwenyuka izindleko zamaholo. Kanti okunye kuthiwa kuyizindleko ukuya kule midlalo njengoba esigabeni esandulela esamaqoqo, amaqembu kufanele ashaye ephaketheni.