UNJABULO "Mvongqo" Manqana, ongomunye wabadlali beLamontville Golden Arrows abashaya igoli benqoba iMTN8, ubona isizukulwane samanje saBafana Be'sthende sinawo amandla okuqeda ishobolo lamaqembu aKwaZulu-Natal, lokuhluleka ukunqoba iNedbank Cup selokhu yasungulwa.
Abafana Bes'thende bazobhekana nomkhaya babo, iRoyal AM namuhla, ngo-3 ntambama, koweLast 16 Nedbank Cup, ePrincess Magogo Stadium.
Kuzobe kubhekene amaqembu aphethwe yimbokodo kuleli njengoba i-Arrows ingekaMato Madlala, kuthi iThwihli Thwahla, yenganyelwe nguShauwn "MaMkhize".
Bonke abalandeli bakanobhutshuzwayo KwaZulu-Natal babheke ngabomvu ukuthi ngabe le mbokodo izokwazi yini ukuqeda ishobolo le minyaka ewu-52, lamaqembu akulesi sifundazwe lokuhlukela ukunqoba le nkomishi.
Nakuba kubheda nakwezinye izinkomishi kodwa akufani njengoba AmaZulu aseke ayinqoba iTelkom Knockout, isabizwa ngeCoca Cola Cup. Ne-Arrows iyinqobile iMTN8 ngo-2009 isaqeqeshwa nguManqoba Mngqithi, owayesizana noMandla Ncikazi.
IThwihli Thwahla eqeqeshwa uJohn Maduka, idlulele kwiLast 16 ngenxa yokushaya iCape Town City sekukhahlelwa amaphenathi.
I-Arrows ecijwa wuVusumuzi " Kanu" Vilakazi osizana noMabhudi Khanyeza, idlule ngomcacamezelo kwiPretoria Callies.
Okunye okuyisinongo somdlalo waseMagogo wukuthi i-Arrows izobe ifuna ukuziphindisela kwazise ishaywe yiRoyal AM kuyona yomibili imilenze yeligi.
UManqana oshaye igoli lokugcina ezakhe zishaya i-Ajax Cape Town ngo-6-0 kowamanqamu weMTN8, utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi ngesikhathi benqoba le nkomishi kwakungekho mfivilithi yomdlali eqenjini labo.
Uqhube wathi ngesifanayo kubafana bakaVilakazi noKhanyeza. Uveze ukuthi imchazile indlela abadlale ngayo beshaya iChiefs, wase ebayala ngokuthi kumele bakwazi ukubamba umgqigqo.
"Ngiwubukile umdlalo i-Arrows egcine ishaywe kuwo yiSuperSport United. Beyidlala ibhola esasilidlala ngezikhathi zethu. Kumele ilungise amaphutha ambalwa. Uma ingenza lokhu, ngiyibona inalo ithuba lokufinyelela kowamanqamu eNedbank Cup nakhona iphinde inqobe. Umlando awungagcini ngathi, nale sizukulwane asiziqophele owaso," kubeka uManqana.
Echaza ngeMTN8 yabo, uthe:" Hheyi angisoze ngawakhohlwa amalungiselo alowa mdlalo. Ngaphambi kwawo sasijima kabili ngosuku enkundleni, ekuseni bese kuthi ntambama sibe solwandle.
“Ngikhumbula kahle, uSangweni (Siyabonga) waze wakhononda kumqeqeshi uMandla, ekhala ngokukhathala. Sasihlezi sindawonye, sasiwumndeni, sisekana kukho konke.”