USAYIBEKE umkhusu eyokuthungatha umqeqeshi usihlalo weRichards Bay, uSifiso Biyela, odalule ukuthi uyakubona ukukhanya emsebenzini wethinba elibambile.
IBay ikhombe indlela uBrandon Truter kwesokuqeqesha emasontweni adlule ngenxa yokwehluleka ukuletha imiphumela elindelekile kwiNatal Rich Boyz. NgoLwesibili, uTruter uvumbuke kwi-Upington City edlala kwiMotsepe Foundation Championship. Ebhentshini leBay kuhlala uRonnie Gabriel, Siboniso Gumede noSibusiso Msomi oqeqesha kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Ngaphansi kwalaba baqeqeshi, iBay ikhale ngaphansi ngo 3-1 kuMaZulu nango 1-0 kwiSuperSport United emidlalweni emibili ilandelana yeBetway Premiership. INatal Rich Boyz, esinde ezembeni ngokuwina ama-Play Off ngesizini edlule, isemsileni kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisihlanu emidlalweni engu-10. Ngokujwayelekile, ukuxoshwa komqeqeshi kusho ukuvuleka kwethuba lokufaka izicelo zomsebenzi.
“Asethukile okwamanje. Sinalo uhlelo lokushintsha isimo. Sinqume ukweseka abaqeqeshi abakhona. Bayabazi abadlali futhi sesidlala ibhola eliya phambili. Emdlalweni wakamuva sibe nebhadi nje ukuthi singatholi lutho kuwona. Sinethemba lokuthi izinto zizohlangana. Indaba yokuqasha omunye umqeqeshi, ngisamile kuyona. Yenziwa into enkulu kanti akukho okutheni ngayo,” kusho uBiyela.
Ngaphansi kukaGabriel nethimba lakhe, alukho ushintsho olukhulu esikimini esiboshelwayo. Kodwa umehluko ophawulekayo usendleleni yokudlala esivumela abadlali abathanda ukugcina ebhola. Ngempelasonto edlule kubonakale ezintini unozinti, uSalim Magoola obelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kukaTruter obeqoka ukudlalisa u-Ian Otieno ojoyine iBay ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025.
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, iBay izovakashela iLamontville Golden Arrows emdlalweni wabakhaya eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
“Sibheke ukuthola amaphuzu emdlalweni wabakhaya ngoMgqibelo. Ukhona umehluko eqenjini futhi abafana badlala kahle. Okwethu wukuqala siqoqe amaphuzu,” kusho uBiyela.