UBHOBOKA ngenjabulo abe nayo ephakamisa inkomishi yokuqala selokhu afika ebholeni elikhokhelayo, uKatlego Otladisa osanda kunqoba ne-Orlando Pirates inkomishi yeMTN8.
Ngesikhathi u-Otladisa (27) ejoyina iPlatinum Stars ngo-2017, uwaba ngomunye wabadlali abasebancane abenza kahle kwiPremier Soccer League (PSL).
Ngonyaka olandelayo usayiniswe iMamelodi Sundowns. Ngendlela ayedlala kahle ngayo kwiStars, kwakulindeleke ukuthi uzofika kumaBrazilians aqhubeke lapho ayegcine khona.
Akubanga njalo njengoba eze wahamba engadlalanga nowodwa kulabo mpetha beligi.
Waqale washovelwa eqenjini leDStv Diski Challenge ngaphambi kokubolekiswa kwiCape Umoya nakwi-Ajax Cape Town eseyaziwa ngeCape Town Spurs. NgoDisemba wango-2020, amaBrazilians amemezela ukuthi amdedela ngokuphelele.
Ngo-2021, wajoyina iMarumo Gallants acishe wanqoba nayo inkomishi yokuqala kwisizini yokuqala bashaywa yiSundowns kowamanqamu eNedbank Cup.
Kwedlule isizini, bamangaze abaningi befinyelela kowandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup. Ukudlala ngokuzimisela kugcine kumvulele amasango kweZimnyama.
Ube nenhlanhla njengoba ethe efika kwaphela ishobolo lakhe leminyaka lokuhluleka ukunqoba inkomishi yokuqala.
Iqembu lakhe elisha livikele iMTN8 lishaya iSundowns. Ngesikhathi iPirates ihambele iMaponya Mall, eSoweto, lo mdlali oyibamba ohlangothini lwesokunxele, uthe namanje akazi ukuthi angayichaza kanjani injabulo yakhe.
"I-MTN8 bekuyinkomishi yami yokuqala. Kube yinto enhle ukuthi ngiyinqobe neqembu elihlonishwa nelikhulu e-Afrika. Inhloso ngokuyijoyina bengifuna ukuzihlanganisa neqembu elinqoba izinkomishi. IPirates yenza kahle kakhulu, ngesizini edlule banqobe izinkomishi ezimbili. Bengifuna ukuba nalowo muzwa," ubeke kanje.
Kulo mqhudelwano, u-Otladisa uthole ithuba lokudlala emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu. Nakhona ungene seliyoshona.
Uthe isifiso sakhe ukuthola ijezi ukuze ezosiza iqembu lakhe ukushaya amagoli. Akakufihlanga ukuthi njengoba esekwiPirates ikhona ingcindezi.
Usadlale emithathu yeligi, emibili yeCaf Champions League nowodwa weMTN8. Uqhube wathi kumphoxile ukuphuma kwezakhe kwiChampions League. Abafikanga nasesigabeni samaqoqo.
Bawashiswe ijezi yiJwaneng Galaxy yaseBotswana.
"Bengikubheke ngabomvu ukudlalela iPirates kwiChampions League. Iyiqembu elihlelekile. Angiqondile ukudelela iMarumo. Ngebhadi sihlulekile kumele samukele". Ube esezwakalisa ukuzwelana neMarumo ngokuyishiya isibheke ehlathini.
"Kube isimo esibuhlungu kakhulu. Kuningi obekuqhubeka ngaphakathi eqenjini. Nokho sizamile ukuzinikela kodwa izinto zasiphika. Ngiyifisela inhlanhla," kusho u-Otladisa.