UFUNA iqembu lakhe lifunde emaphutheni eliwenze libhekene neBurkina Faso emlenzeni wokuqala kweyokuhlungela iWomen's Africa Cup of Nations (Wafcon), umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis.
La maqembu azotholana emlenzeni wesibili namuhla ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville.
IBanyana ibambane ngo 1-1 neBurkina Faso emlenzeni wokuqala ekuhambeni, eCharles Konan Banny Stadium, e-Ivory Coast, ngoLwesine olwedlule.
Igoli leBanyana lishaywe uHildah Magaia maphakathi nesiwombe sesibili, elokulinganisa leBurkina Faso labekwa enethini u-Yasso Konate.
"Sithole amathuba ambalwa, salishaya igoli ngesiwombe sesibili. Sithole amanye amathuba ngemuva kwalokho, saphinde sashaya ipali. Sibe sesizigwaza ngowethu ngephutha eliholele ekutheni bashaye igoli. Sakhuluma ngokunciphisa amaphutha ethu kodwa siwenzile ezindaweni ezibucayi, silahla ibhola lapho bengasijezisa khona," kusho u-Ellis ethimbeni labezindaba leSafa.
“Kodwa ngibathulela isigqoko abadlali bami ngokudlala ngesibindi ekubeni behambe ibanga elide bebheke e-Ivory Coast. Asiqondile ukwenza izaba kodwa lokho kuthatha amandla amaningi kubadlali.
"Sekufanele sizinikele ngakho konke ekhaya. Igoli esilitholile ekuhambeni lisemqoka kodwa neBurkina Faso ilwile. Besingawunqoba umlenze wokuqala kodwa nayo ibinganqoba."
Iqembu elizonqoba uma sekuhlanganiswa imilenze yomibili lizozibekisela indawo kwiWafcon eMorocco ngonyaka ozayo. Elizonqotshwa lizowuzwa ngendaba lo mqhudelwano. IBanyana ingompetha balo mqhudelwano ngemuva kokuwunqoba nyakenye.
U-Ellis ukholwa wukuthi igoli lasekuhambeni lizobasiza kakhulu uma bengalithola kuqala igoli nasekhaya.
"Kubalulekile ukushaya igoli ekuhambeni kodwa ngeke lisho lutho uma sibavumela ukuthi bayibhakuzise kuqala inethi emlenzeni wesibili ,” kusho lo mqeqeshi.
IBanyana ikhuthazwe nawukufika kukaJermaine Seoposenwe, ongakwazanga ukuthatha uhambo oluya e-Ivory Coast.
“Ngicabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi uJermaine ulethani eqenjini. Uletha umfutho amandla nalowo mqondo wokunqoba eqenjini ophakamisa wonke umuntu futhi obaluleke kakhulu. Kodwa kufanele sibe ngcono. Senze inqwaba yamaphutha okufanele siwagweme ekhaya,” kusho u-Ellis.
Selokhu yadlala okokuqala kwiWafcon ngo-1995, iBanyana ayikaze yehluleke ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano.