INYUVESI i-Fort Hare iyona engomakhonya esigabeni seSasol League kulandela ukunqoba isicoco sikazwelonke ihlula iLindelani Ladies yaKwaZulu-Natal kowamanqamu ngeSonto, eDr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein.
Leli qembu lase-Eastern Cape linqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi womabili amaqembu ehlulekile ukubhakuzisa inethi.
ILindelani ingene kowamanqamu ngokuxebula iRamatlaohle Ladies yaseLimpopo ngo 3-0 kowandulela owamanqamu. IFort Hare ibikhiphe iCroesus Ladies yaseGauteng, ngo 5-4 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2.
La maqembu abeseke abhekena esigabeni samaqoqo kuwona lo mqhudelwano, kwanqoba iFort Hare ngo 1-0.
Angene kowamanqamu sekuqinisekiwe ukuthi womabili azokhushulelwa esigabeni esiphezulu, iHollywoodbets Super League, ngesizini ezayo.
Kowamanqamu kugqame ukukhathala kuwona womabili ngenxa yokudlala imidlalo emine esontweni elilodwa.
Ngesiwombe sokuqala, iFort Hare iyona eqale ngomfutho kodwa ihluleka ukudlula kunozinti uNqobile Biyela. ILindelani ikhande amathuba angcono esiwombeni sesibili, ikakhulukazi uNomfundo Xulu, obeyiphela endlebeni ezitobheni zeFort Hare.
Nokho kuthe uma umdlalo uphela ngo 0-0, kwaqondwa ngqo kumaphenathi lapho unozinti weFort Hare egxavune khona amaphenathi amabili, oweLindelani wavimba eyodwa.
Ngaphandle kokuphakamisa indebe, iFort Hare ithole isheke likaR200 000, iLindelani yathola uR100 000.
Asezoba mathathu amaqembu aKwaZulu-Natal azodlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo njengoba iLindelani izofica iDurban Ladies neRoyal AM.
Mabili amaqembu ase-Eastern Cape adlala kwiSuper League kule sizini, iCity Lads neThunderbirds Ladies, kodwa womabili asasengcupheni yokugawulwa yizembe.