Sithembiso Mkhize
UJOHN Maduka ongumqeqeshi weBloemfontein Celtic akazange akufihle ukuthi baya emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns we-quarterfinal yeMTN 8 izinhiziyo zabo zisebuhlungu ngemuva kokuthi leli qembu libahlule kowamanqamu eNedbank Cup kusongwa isizini ka-2019/2020 ngenyanga edlule.
Nembala iCeltic ivale thaqa emuva, yahluleka yancama iSundowns ukuyigqobhoza, iSiwelele sadlulela kowandulela owamanqamu eMTN 8 sinqoba ngo 1-0.
Igoli lokunqoba lishaywe uVictor Letsoalo ngesiwombe sesibili emdlalweni obuseLucas Moripe Stadium, ePitoli ngeSonto ebusuku.
ICeltic isizobhekana neSuperSport United emidlalweni eyandulela owamanqamu. Umdlalo womlenze wokuqala uzoba ngempelasonto yokuphela kuka-Okthoba, owesibili ube ngempelasonto yokuqala kuNovemba.
UMaduka ekhuluma kwithelevishini ngaphambi kokuqala komdlalo,uthe “yebo izinhliziyo sizebuhlungu, sithemba ukuthi sizoziphindiselela”.
Ngemuva komdlalo uthe bayifunde kahle iSundowns ngakho bebekuhlelele konke ezokwenza.
“Esikwenzile wukuyiyeka izicanasele nebhola kodwa savala emuva. Besazi ukuthi uma sivale kahle emuva maningi amathuba okunqoba umdlalo. Esiwombeni sesibili silisebenzise ngendlela ithuba elivelile,” kubeka uMaduka. Ebuzwa ngamathuba okuphakamisa isicoco seMTN8, uthe: “Angiyifuni ingcindezi engenasidingo. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Mhlawumbe lowo mbuzo ungaphenduleka uma sesifike emdlalweni wamanqamu. Sizolwa kuze kunqamuke izinyawo. Okungithokozisayo ukuthi abadlali bami bayakwazi engikudinga kubona.” Ukhale ngokuthi sibe sincane isikhathi sokulungiselela umdlalo weMTN 8.
Uthemba ukuthi emasontweni azayo iqembu lakhe lizobe selingcono kakhulu kunalokhu elikukhombise emdlalweni weSundowns.
KwiDStv Premiership iCeltic izovula neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo ngo-3.30 eSeisa Ramabudu Stadium.